KUBULAWE UMNIKAZI WESITESHI SOKWETHA E-MORGENZON KUFUNWA, ABASOLWA ABANE
Blog post description.
EZOMPHAKATHI


Ngomhlaka 25 March 2023, kwananela izindaba edolobheni elincane laseMorgenzon mayelana nokubulawa komnikazi weTotal Filling Station, uMnu. Gawie Marx. Ukubulala okungenangqondo nokunonya.
Unkosikazi wakhe uNkz Mary-Anne Marx naye ubekezelele ukuhlaselwa okubuhlungu. Ngokusho kwabeKasselman
Security Services, bathole inhlabamkhosi ngo 1:04 ekuseni. Unogada we-KSS
owayehlomile wasabela futhi unkosikazi watholwa esele nezintambo kuye.
Ngokwemininingwane, lo mbhangqwana buyele eMorgenzon usuka e-Ermelo ngoLwesihlanu ngomhlaka 24
March ngezithuba zabo-7 ebusuku. Esanda kubuya bahlaselwe endlini yabo ngabasolwa abane. Indlu
iseduze nendawo
yokugcwalisa.
Kusolakala ukuthi izithandani zayiswa emakamelweni ahlukene lapho kuqhubeke khona ukuhlasela. Bobabili babeboshiwe. Ngo-1:00 ekuseni unkosikazi wayesekwazi ukuzi khulula endlini yangasese lapho ayeboshwe khona ngamapayipi endlini yokugezela ukuze ahlabe umkhosi.
Umnikazi wayo wahlukunyezwa kwaze kwatholakala ukuthi ushonile endaweni yesigameko.
Unkosikazi wathola usizo
Iwezempilo ngemuva kokuthi indodana yakhe imhambise ePitoli ngokolwazi.
Captain Madonsela, Morgenzon Station
Commander usiqinisekisile lesi sigameko. Kuthathwe ubucwebe, izibhamu nemali.
Amaphoyisa anxusa noma ngubani ongaba nolwazi olungasiza mayelana nokutholakala kwabasolwa ngokushayela inombolo yeCrime Stop ku-08600
10111.