KUDINGEKE USIZO EMUVA KOKUTHI ISIPHEPHO SICEKELE PHANSI UPHAHLA LWESIKOLE.

EZOMPHAKATHI

8/28/20231 min read

Uthishanhloko uBafana Mnisi, "Unxusa umphakathi ukuthi usize nganoma iyiphi indlela ongasiza ngayo".

Isiphepho esinamandla sangoLwesihlanu ebusuku sicekele phasi uphahla lwamakilasi amabili e-Elusindisweni Primary School endaweni yaseMiddleburg.

Umoya onamandla udale ukuwa kophahla Luka Grade 2 no Grade 7, kwangalimala muntu njengoba isigameko senzeke ngabo -21:30 ebusuku ngoLwesihlanu Malakar 25 kuAgasti.

Umhlangano wesikole uzoba ngoMsombuluko ekuseni, ukuze kunqunywe isixazululo esifanele mayelana namakilasi athintekayo.

"Akukhathalekile ukuthi kungezimali noma kungaba ngokunikela ngamatafula, izihlalo noma izinki ukuze kulungiswe, noma yiluphi usizo luyokwaziswa kakhulu."

Uma ufisa ukusiza, ungaxhumana noMnu Bafana Mnisi ku-072 584 5391.