KUDUTSHULWE KWABULALA UMFELOKAZI KWALIMALA AMANYE AMALUNGU OMNDENI.
EZOMPHAKATHI


Abaphathi bamaphoyisa eMpumalanga ngaphansi kobuholi bukaKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni uLieutenant General Semakaleng Daphney Manamela basigxeke kakhulu isigameko sokudutshulwa komfelokazi wenkosi engasekho emhlabeni uClyde Mnisi.
UCharlene Felicity Mathews oneminyaka engu30 ubudala udutshuliwe ezintatha zanamuhla ngoLwesibili,ngomhlaka 04 April 2023 ngezithuba zabo-01h10 ekuseni.Icala lokubulala elinamacala amabili okuzama ukubulala liphenywa ngamaphoyisa aseCalcutta.
Ngokwemininingwane, amaphoyisa aseCalcutta abizelwe esigamekweni sokudubula endaweni okuhlala kuyo inkosi engasekho. Ngesikhathi befika bathole umzimba wesifazane usushonile ubunamanxeba amaningi okudutshulwa ekhanda.
Abanye abesilisa ababili abahlonzwe njengamalungu omndeni nabo bathole amanxeba okudutshulwa ngemuva kokudutshulwa base bephuthunyiswa esibhedlela ukuze bathole ukwelashwa kanti isisulu sesifazane sahlonzwa ngeshwa bese aseshonile, abezimo eziphuthumayo nabo bebekhona endaweni yesigameko. .
Uphenyo lokuqala lwamaphoyisa luveze ukuthi abasolwa abebehlomile bangene endlini ngandlela thize badubula izisulu ezintathu base bebaleka endaweni yesigameko. Amaphoyisa athole amagobolondo endaweni yesigameko.
Umyeni wakhe, uChief Clyde Mnisi obeneminyaka engu37 naye wadutshulwa wabulawa ku-Airport Road eduze kwase-White River eduze kwase-Kruger-Mpumalanga International (KMI) Airport ngobusuku bangeSonto, ngomhlaka 26 March 2023 ngabo-23h00 ekuseni. Ababulali bakhe basagcwele amathafa kanti abakatholakali.