KUDUTSHULWE KWABULAWA OWESILISA EMUVA KOKUTHI ATHOLWE ENENKOSIKAZI WENYE INDODA ENDAWENI YOKULALA NGAPHANDLE KWASEMBOMBELA.

EZOMPHAKATHI

4/18/20231 min read

Umsolwa oneminyaka engu-38 ubudala, oyiphoyisa eMbombela, kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseNelspruit maduze ngecala lokubulala esenzeka Kwanyoni Lodge ngaphandle kwaseMbombela ku-N4.

Ngokwesitatimende sabezindaba soKlebe, umufi uhlonzwe njengesikhulu somgwaqo esifundazweni.

Okhulumela oKlebe esifundazweni, uCaptain Dineo Sekgotodi, uthe kubikwe ukuthi ngoMgqibelo wangomhla zili-15 kuMbasa umufi nomngani wakhe wesifazane bebebhukhile endaweni yokulala.

Ngesikhathi besasendlini yokugezela, kuqhamuke umyeni wowesifazane wakhahlela isicabha.

Kube nokuhilizisana okusolwayo phakathi kwalaba ababili njengoba kutholwe ibhodlela likabhiya endaweni yesigameko.

Kusolwa ukuthi iphoyisa lomgwaqo liphume e-chalet umyeni wamlandela ngesikhathi edubula.

Umufi udutshulwe kabili washona ngenxa yokulimala. Umsolwa ubalekile endaweni yesigameko, kusho uSekgotodi.

Isikhwama sobufakazi.

U-Albert Gryvenstein weBossies Community Justice waba ngowokuqala endaweni yesigameko wathola isidumbu.

USekgotodi uthe uphiko loKlebe oluzinze eMbombela, iSerious Organised Crime Investigation Unit, eNelspruit Vispol kanye neMbombela Local Criminal Record Centre nabo bafikile endaweni yesigameko.

UJacques Viljoen, ongumnikazi wakwanyoni, uthe, “Sisebenzisana ngokugcwele neziphathimandla. Okuhamba phambili kwethu kulesi sikhathi ukuqinisekisa ukuphepha kanye nenhlalakahle yezivakashi nabasebenzi bethu, njengoba sihlala senza.

Baveze ukuthi lesi bekuyisigameko esizimele, esisethusile kakhulu. Ngenxa yezimo ezikuzungezile, ngebhadi akukho esingakwenza ukukugwema.

Sithanda ukuqinisekisa izivakashi zethu ukuthi ukuphepha bekulokhu kuyinto ehamba phambili, futhi iyohlala njalo.

Umsolwa uzinikele emaphoyiseni e-SAPS eMbombela. Kushaqwbe isibhamu sakhe esisemthethweni. Ubekwe icala lokubulala wagqunywa ejele elinde ukuvela okokuqala enkantolo.

Kanti uphenyo lusaqhubeka matelana naloludaba