KULIMALE IZIMOTO EZININGI, KWADUTSHULWA OYEDWA NGESIKHATHI IZIGEBENGU ZIGASELA KUTHELAWAYEKA U-N12 EMPUMALANGA.
EZOMPHAKATHI


Amaphoyisa aseDelmas eMpumalanga athi athole inqwaba yezingcingo ezikhungethwe yizigebengu ngemuva kokuthi iqulu labaphangi lihlasele abashayeli ku-N12, abanye abashayeli bebanjwa inkunzi.
Okhulumela amaphoyisa aseMpumalanga uBrigadier Selvy Mohlala uthe lezi zigameko zenzeke ngoLwesihlanu ebusuku.
Kucekeleke phansi inqwaba yezimoto emuva kokuthi kusetshenziswe amatshe ukuvala umgwaqo kwadala izingozi.
“Ngokusho kwesisulu sokuqala, ushaye idwala okwathathwa njengesithiyo okungenzeka ukuthi liwe kwezinye izimoto. Ngesikhathi ema , kwafika iqulu lamadoda alinganiselwa kwabayisithupha abehlome ngezibhamu,” kusho uMohlala.
Umshayeli nabanye abantu abehamba nabo emotweni bashaywe baphucwa nezimpahla zabo.
Ngemuva kokubanjwa inkunzi, isisulu sikwazile ukushayela saze safika egaraji eliseduze sifuna usizo.
Amaphoyisa abizelwe esiteshini sokugcwalisa, kanti ngesikhathi amaphoyisa esasiza isisulu, kwangena olunye ucingo, kusho uMohlala.
Kusolakala ukuthi amatekisi amathathu alibangise eMozambique abe nenkinga efanayo. Izigebengu zaqhumisa itekisi yabashonile ngenhlamvu kwadubuleka umgibeli oyedwa ekhanda.
Abezimo eziphuthumayo babizelwe endaweni yesigameko basiza owesilisa owayelimele ngaphambi kokumhambisa esibhedlela eaiseduzane
Amaphoyisa, esebenzisa i-infra-red drone esizwa amalungu onogada bomakhelwane, azamile ukuthola abahlaseli kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
Ithimba nokho lithole ezinye zezinto ezebiwe ebezishiywe ehlathini.
Khonamanjalo, uKhomishana wamaphoyisa esifundazweni eMpumalanga, uLieutenant-General Semakaleng Daphney Manamela, uxwayise abashayeli bezimoto ukuthi bagweme ukushayela ebusuku “uma zingekho izimo eziphuthumayo”.
UManamela uthe umgwaqo uzoqashwa ngeso lokhozi kuze kuboshwe abasolwa.