KULINDELEKE AVELE ENKANTOLO OWESILISA EMUVA KOKUTHOLAKALA NEMOTO OKWABIKWA UKUTHI YEBIWE EWITBANK.
EZOMPHAKATHI


Owesilisa waseSoshanguve, okubikwa ukuthi washona ngesikhathi kusha umuzi ngeledlule, uboshwe ngeledlule esemotweni yokwebiwa.
USibusiso Mahlangu, isakhamuzi saseSoshanguve, kubikwa ukuthi “washona” ngesikhathi kusha umuzi ngo-2022 washa ngendlela engaziwa.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uLieutenant-Colonel Mavela Masondo uthe uSibusiso uboshwe eHammanskral kulandela ukulunywa indlebe ngamaphoyisa.
UMasondo uthe amaphoyisa aseHammanskraal alunywe indlebe mayelana nemoto okungenzeka ukuthi yebiwe.
“Amaphoyisa aphendule ngokushesha amisa iVW Polo emhlophe eHammanskraal.
"Ngemuva kophenyo lokuqala, kwatholakala ukuthi imoto kwabikwa ukuthi yebiwe Emalahleni (e-Witbank), eMpumalanga ngo-Ephreli," kusho uMasondo.
"USibusiso uboshiwe wathweswa icala lokutholakala nemoto okusolakala ukuthi yebiwe."
UMasondo utshele uRekord ukuthi ngokuhamba kwesikhathi ngemuva kophenyo kwatholakala ukuthi uSibusiso ubhaliswe njengomuntu oshonile ngoJanuwari 2022.
"Kusolakala ukuthi wabulala washisa umuntu eSoshanguve ngoJanuwari 2022, wabe esebalekela eMpumalanga."
UMavela uthe kwengezwe icala lokubulala.
USibusiso nomkakhe, uLerato, bavele kafushane ngaphambi kwenkantolo yeMantshi yaseSoshanguve bebhekene namacala okubulala, okuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho nokukhwabanisa.
I-NPA ikuqinisekisile ukuthi uSibusiso waqamba amanga ngokufa kwakhe.
"Kusolakala ukuthi wabulala umuntu emzini wakhe womxhaso wabe eseshisa indlu nesidumbu sikamufi ngaphakathi," kusho okhulumela i-NPA uLumka Mahanjana.
UMahanjana uthe uLerato wabe esethi isidumbu esishile ngumyeni wakhe.
“Nakuba azi ukuthi umyeni wakhe usaphila, uLerato wangcwaba umuntu okungeyena ethi unguSibusiso.
“Wabhalisa ngokushona kukaSibusiso eMnyangweni wezaseKhaya kanti kuthiwa wathola nesitifiketi sokufa esingumbombayi.
“Umufi ungcwatshwe endaweni kaSibusiso kwabikwa ukuthi udukile wumndeni wakhe nokuze kwatholakala ukuthi usengcwatshiwe,” kusho uMahanjana.
"ULerato wafaka isicelo sokukhokhelwa umshwalense wempilo ethi umyeni wakhe ushonile," kusho uMahanjana etshela iRekord .
Bobabili bagcinwe esitokisini njengoba kulindelwe eminye imibuzo.
Bazovela eNkantolo yeMantshi yaseSoshanguve ngoMeyi 4