KULINDELEKE AVELE ENKANTOLO UKAPTENI WAMAPHOYISA ASEMPUMALANGA EMUVA KOKUBANJWA NEZIDAKAMIZWA .

EZOMPHAKATHI

4/3/20231 min read

UKapteni wamaphoyisa uzovela enkantolo yaseMpumalanga ngoMsombuluko ngemuva kokutholakala nensangu engu-22kg engabiza u-R33,720.

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa uBrig Selvy Mohlala, umsolwa uboshwe ngoLwesihlanu eSabie ngemuva kokuthi onogada abebeqapha indawo beqale ukusola ngemuva kokubona imoto yamaphoyisa ipake ehlathini.

Babe sebeyobheka ukuthi kwenzakalani. Okubathusile ukuthi onogada babone abesilisa ababili, oyedwa engukaputeni weSAPS, nakuba wayengawugqokile umfaniswano ngaleso sikhathi, omunye egqoke i-boiler suit yeSAPS.

Ukapteni ubeshayela le moto eshiwo. Kusolwa ukuthi laba bobabili bebephethe izikhwama ebezigoqwe nge-sellotape. Kuthiwa bebematasa befaka imithwalo kwezinye izikhwama ezimnyama zikadoti.

Owesilisa obegqoke i-boiler suit kubikwa ukuthi wabaleka ebona onogada, washiya umshayeli okuthiwa naye uzame ukubaleka neveni yamaphoyisa kodwa onogada basebenzise iveni labo ukumvimba.

Kutholwe esinye sezikhwama.

Izikhwama zibe sezibhekwa okuyilapho kwatholakala khona ukuthi insangu yayinesisindo esingu-22,48kg futhi inenani elilinganiselwa ku-R33 720 emgwaqweni.

UMohlala uthe kusolakala ukuthi iphoyisa lazama ukugwazela onogada, labathembisa isaka elilodwa lensangu kodwa banqaba.

Iphoyisa libe seliboshwa, amaphoyisa aseSabie abikelwa ngalesi sigameko esiyihlazo.

Leli lungu libekwe icala lokudayisa insangu, ukusebenzisa imoto (yezwe) ngaphandle kwemvume yomnikazi, ukuzama ukuqeda ubulungiswa nenkohlakalo.

Kanti amanye amacala angase engezwe kumsolwa njengoba uphenyo lusaqhubeka. Amaphoyisa asathungatha umsolwa okuthiwa ubalekile.

Umsolwa oyiphoyisa kulindeleke ukuthi avele enkantolo yeMantshi yaseSabie.