KUNCONYWE ABE MDDA NGOKWESEKA ABAZENDABA BENDAWO KUMKHANDLU WE GSDM
EZOMPHAKATHI
UMASIPALA wesifunda iGert Sibande District Municipality (GSDM) uncome iMedia Dedia Development and Diversity Agency (MDDA) ngokweseka imithombo yezindaba yakuleli wathi lokhu ngeke nje kuguqule isimo semboni yezokusakaza kuleli kodwa kuzosiza nokuthuthukisa umphakathi wonkana.
Ilungu le-GSDM leKomidi leMeya lezokuHlela, ukuThuthukiswa koMnotho kanye nokuQala (PEDI), uKhansela Bheki Buthelezi ushayele i-MDDA ihlombe ngesikhathi kunomcimbi wokubungaza uxhaso lwe-MDDA lokushicilelwa kwasekhaya e-GSDM Mayor Parlour e-Ermelo ngoLwesihlanu, 03 Mashi. Lo mcimbi obuhlelwe yiHhovisi lePhini likaNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli, uNkz Thembi Siweya (MP), bekungowokugubha ukuvulwa nokwethulwa kwezinhlaka zabezindaba zomphakathi; i-Zikode Bulletin nempumelelo yeminyaka engu-15 ye Khanyisa News.
I-MDDA iphinde yethula futhi yanikezela ngokusemthethweni izitudiyo zokusakaza ezisezingeni eliphezulu ku Ligwa FM eCassim Park, e-Ermelo. UKhansela Buthelezi uthe lo ngumcimbi obalulekile njengoba lokhu kuzosiza ukugqugquzela intsha esemkhakheni wezindaba.
“Imisakazo yomphakathi yasendaweni namaphephandaba akusizi nje kuphela ekuthuthukiseni ukuxhumana kwezinhlaka ezahlukene, kodwa kuphinde kunikeze intsha ithuba lokuthuthukisa nokukhombisa amakhono ayo” kwengeza uKhansela Buthelezi eshayelwa ihlombe. IMeya kaMasipala waseMsukaligwa uKhansela Mapulane Nkosi unxuse amalungu omphakathi ukuthi azijwayeze nemisakazo yomphakathi kanye namaphephandaba ngoba iwumthombo wolwazi, imfundo nokuzijabulisa.
Amafrikhwensi eziteshi zomsakazo zakuleli ahamba kanje: Ligwa FM: 101.3,VOC FM: 102. 9, Mkhondo: FM 98. 6 kanye ne Radio Alpha: 97. 8. Bese kuthi amaphephandaba kube: www.zikodebulletin.co.za kanye ne www.khanyisanews.co.za