KUNXUSWA ABASHAYELI BEZIMOTO UKUBA BAQHAPHE UMGWAQO R40 KULANDELA UKULIMALA KUNGALINDELEKANGA.

EZOMPHAKATHI

4/28/20231 min read

I-sinkhole ivele phakathi komgwaqo I R40 eduze ne Drum Rock Hill eMbombela mawuya eWhite River, ngoLwesibili ebusuku. Usengakalungiswa kanjalo abashayeli bezimoto bayancuswa ukuba baqaphe.

Abashayeli bezimoto baye balimalelwe izimoto zabo enkathi bezithola sebeshayela bengena phakathi kwi-Sinkhole ngoLwesibili ngoMhlaka 25 Ephreli.

I-Sinkhole idonse, phakathi komgwaqo iRiverside kuya ku-Kiaat Private Hospital.

Okhulumela uMnyango wezemisebenzi yomphakathi,imigwaqo kanye nezokuthutha, uBongani Dlamini, uthe abenkontileka bebezama kulungisa umgwaqo intambama NgoLwesibili

Uthe i-sinkhole isengakalungiswa kanti kusahlolwa ukuthi lomgwaqo wonakele kangakanani.

Zibekiwe eziya kuyona i-sinkhole kanye nezinye ezizungeze yona kodwa ucele abashayeli bezimoto ukuthi bashayele ngokukhulu ukuqophela ikakhulukazi ebusuku.