KUSHONE ABAYISHUMI KUZINGOZI ZOMGWAQO EZAHLUKENE KUSIFUNDAZWE SASE-MPUMALANGA
EZOMPHAKATHI


Bayishumi-10 sebebonke abalahlekelwe izimpilo zabo eMpumalanga kulandela izingozi zomgwaqo ezimbili ezehlukene ezenzeke ekuseni (ngoLwesibili, Juni 27, 2023).
Kwenye yalezi zingozi umshayeli weToyota Avanza uhlulekile ukulawula imoto yase ishayisa iloli eceleni.
Ingozi yenzeke emgwaqeni u-R555 phakathi kwe-Ogies ne-Emalahleni ngesikhathi esingadalulwanga.
"Imoto yohlobo lweToyota Avanza neloli zibandakanyeke engozini" kusho uMoeti Mmusi, ophuma Mnyangweni wezokuThutha, ukuPhepha kanye noXhumana komphakathi kusifundazwe iMpumalanga
Le ngozi iholele ekufeni kwabantu abayisithupha abebehamba nge-Avanza okuhlanganisa nomshayeli. Umshayeli weloli uphunyuke enemihuzukwana.
Khonamanjalo kushone abantu abane ngesikhathi imoto abebehamba ngayo ishayisa imbongolo yagingqika. Le ngozi yenzeke emgwaqeni u-N4 Schoemanskloof ngaseBambi namuhla ngezithuba zabo-01h00.
Abashonile bebehamba ngemoto yohlobo lweToyota Fortuner beqhamuka ngaseMbombela.
“Abantu abathathu okuhlanganisa nengane eneminyaka engu-13 bashonele khona lapho kwathi oyedwa washonela esibhedlela, bonke abashonile bebegibele iSUV,” kuchaza uMmusi.
Kulimale abantu abane njengoba umshayeli ebelimele kanzima kanti bonke baphuthunyiswe esibhedlela esiseduzane eBelfast.
UMmusi uthe uphenyo ngazo zombili izingozi lusaqhubeka.
“Nokho, ukudlula ngemoto endaweni engaphephile angeke singakuhloli nakho” kusho uMmusi