KUSHONE AMALUNGU OMNDENI AMANE (4) ASHONA EMLILWENI E-EXT 18 EMBALENHLE.

EZOMPHAKATHI

5/15/20231 min read

Kuqubuke umlilo ngoLwesihlanu ngomhlaka 12 May 2023 ngabo 17h30 ntambama e-Extension 18 eMbalenhle.

Kuthiwa umama wabiza izingane zakhe zontathu endlini ngenkathi abuya emsebenzini. Omunye ongumakhelwane wabe eseba nokusola ukuthi kungani ingane yakhe ixoshwe ekubeni ibidlala nalezingane ngaphambi kokuba kubuye umama wazo emsebenzini.

Ngemuva kwalokho omakhelwane babone kuvutha umlilo ngasesangweni bazama ukucima umlilo ngamanzi kwabonakala ngathi bawubanga kakhulu ngoba umlilo ube usubamkhulu kunakuqala.

Omakhelwane bazamile ukuvula umnyango kodwa behluleka, kwasha indlu yonke. Bonke abezimo eziphuthumayo babizwa endaweni yesigameko, okubalwa abezicishamlilo abasize ukunqanda umlilo ngokuphelele.

Kutholakale abantu abane (4) endlini eshile kanti bonke kwathiwa bashonile. Umama namadodana akhe amathathu (3) bashonele emlilweni.

Okumangaze amalungu omphakathi wase-Ext 18 wukuthi bekungakhali muntu ngaphakathi endlini nokwabenza bacabanga ukuthi akunamuntu endlini.