KUTHOLAKALE ISIDUMBU SOWESILISA SESONAKELA SILENGA KWA KLIBOU NGOLWESIBILI

EZOMPHAKATHI

4/26/20231 min read

ERMELO-Kutholakale isidumbu soweslisa olinganiselwa emnyakeni engama -30 ubudala endaweni yakwa Klibou ku-Manyathi Street ekhaya kubo elokishini lase Ermelo, umufi utholakale elenga phezulu kusolakala kuthi esenamalanga ayisikhombisa ezikhungile njengoba kuvela ukuthi uzikhunge ngoLwesithathu (25) weviki esibuya kulo ngoba isidumbu sakhe sitholakale sesiqalile ukubola, uze watholakala ngoLwesibili ngezithuba zehora le-4 ntambama.

Umufi kuthiwa besekuphele isikhathi esingangeviki engabonakali Ngaphandle kuthiwa

Umufi ubehlala nomfowabo egcekeni.

Ngokusho komakhhelwane bathi lezizelamani besezihlala ngokuhlukana, umufi ubesebenzisa indlu enkulu ùmfowabo esebenzisa indlu engemumva , nakho okusolakala ukuthi kube yimbangela yokuthi egcina enganaki kuthi unyamalele umufi.

Imbangela edalele kuthi kuze kubonakale kuthi kunesdumbu ngaphakathi, umuntu ebezidlulela ngaphandle, ubone inqwaba yezimpukane zindiza emawindini wabe esuwuhlaba ewulawula kwabakasidlodlo kanjalo nakomakhelwane babe sebefika endaweni yesgameko amaphoyisa, abamakhaza kahulumeni kanye nabathwebuli.

Isdumbu sithathwe abamakhaza ka hulumeni .Amaphoyisa aqhubeka nophenyo.