KUTHUNGATHWA ABASOLWA ABADUBULE BABULALA IPHOYISA NGESKHATHI KUGETSHENGWA IBHIZINISI
EZOMPHAKATHI


Kudutshulwe kwabulawa iphoyisa ngesikhathi kugqekezwa ibhizinisi eMasoyi ngaphandle kwaseWhite River ngezikhathi zasekuseni ngoMsombuluko.
Elinye ilungu liphuthunyiswe esibhedlela ngemuva kokuthola amanxeba okudutshulwa.
Umbiko wamaphoyisa uveza ukuthi amalungu amaphoyisa aseMasoyi aphendule ucingo lapho kugqekezwe khona isitolo esikhulu esibizwa ngeChochocho ngabasolwa abebehlomile.
Ngemuva kokuthola imininingwane mayelana nokugqekezwa, la malungu womabili aphuthume endaweni yesigameko, atholana phezulu nemvula yezinhlamvu kubasolwa abebehlomile.
Kungalesi sikhathi lapho la malungu amabili adutshulwa khona, okudabukisayo ukuthi uSiwela washona ngenxa yamanxeba okudutshulwa ngesikhathi uzakwabo elimala.
"Kamuva kwatholakala ukuthi abasolwa bangene esitolo ngemuva kokuqhumisa iziqhumane ezicabheni zaso, kusho okhulumela amaphoyisa uBrigadier Selvy Mohlala.
UMohlala uqhube wathi abasolwa kuthiwa bantshontshe isamba semali esingadalulwanga kanye nogwayi esitolo esikhulu.
UMohlala unxuse noma ngabe ngubani ongaba nolwazi olungasiza ekubanjweni kwalezi zigameko zobugebengu ukuthi ashayele inombolo yeCrime Stop ku-08600 10111.