KUTHUNGATHWA OSHAYASIBHAMU ABAGASELE ETHAVENI YASE MPUMALANGA KWASHONA ABANTU ABATHATHU
EZOMPHAKATHI


Amaphoyisa aseMpumalanga aphume umkhankaso wokuthungatha abasolwa abathathu abagebenga abathengi endaweni yokucima ukoma base bebadubula benganakile bebaleka kwashona abathathu kwalimala abane.
UBrigadier Selvy Mohlala, okhulumela amaphoyisa aseMpumalanga, uthe isigameko senzeke ngeSonto ekuseni ngezithuba zabo-04:00 eDundonald ngaphandle kwaseMayflower.
Uthe ulwazi abanalo ngothi abasolwa abathathu bangene endaweni yokucima ukoma bakhomba abathengi ngezibhamu base beqala ukubaphuca izimpahla zabo.
"Bazamile ukuthola imali kulowo odayisa utshwala kodwa bahluleka. Baphuca u-DJ amathuluzi akhe. Ngaphambi kokuthi basuke endaweni yesigameko, badubule benganakile kwadutshulwa abantu abayisikhombisa," kusho uMohlala. “Ababili bashonele endaweni yesigameko, kwathi owesithathu washonela emtholampilo wendawo. Abane baphuthunyiswe esibhedlela, ababili badedelwa ngokushesha.
UMohlala uthe bavule amacala okubulala, awokuzama ukubulala kanjalo nokugebenga amabhizinisi.