"KUTHUNJWE" ISIKHULU SEZEMPILO
EZOMPHAKATHI


Isikhulu sezempilo 'sithunjiwe', udokotela obanjwe njengesivimbelo okwenze ukuthi kube nodlame ekuqhubeke kwelisiteleka
Phezu kwesinqumo seNkantolo eNkulu yaseMbombela, amalungu eNehawu aqhubekile nesiteleka sabo eMpumalanga, kuthunjwa udokotela kanye nemenenja yesifunda, kanti isiteleka sisaqhubeka nakwezinye izingxenye zezwe.
Inyunyana yabasebenzi iNehawu iqhubekile nesiteleka sayo usuku lwesishiyagalombili, esithinta izinsiza zezempilo ezweni lonke.
UMnyango wezeMpilo eMpumalanga uthole incwadi evimbela abateleka eNkantolo eNkulu yaseMbombela ngoLwesine ebusuku, kodwa lokhu akwenzanga lutho ukumisa isiteleka.
Udokotela ubanjwe ngamalungu eNehawu emtholampilo iBuffelshoek eBushbuckridge ngesikhathi enza imizamo yokufinyelela ezikhungweni zezempilo. Okhulumela uMnyango uChris Nobela usiqinisekisile lesi sigameko, wengeza ngokuthi
"simatasa nophenyo ukuze sithole kabanzi ngokwenzekile".
UWelcome Mnisi, uNobhala weNehawu eMpumalanga, akakwazanga ukuqinisekisa noma ukuphika isigameko: “Sizwile ngalesi sigameko kodwa asazi noma ngamalungu eNehawu. Sithumele ubuholi bethu besifunda ukuze basondele endaweni yaseBohlabela ngoba iBushbuckridge ingaphansi kwaleso sifunda.
Amalungu eNehawu ayakwazi ukuziphatha ngesikhathi sokuteleka. Noma yini eyenziwayo akumele ihlukumeze amalungelo abanye, kuhlanganisa nabasebenzi.”
UNobela uphinde wakuqinisekisa ukuthi uMnyango uphenya isigameko lapho owesifazane oqeqeshelwa umsebenzi eshaywe yisikhulu esitelekile eMbhuleni ngoLwesibili.
UNobela uyayiphika imibiko yokuthi amalungu eNehawu eMpumalanga athumba uMnuz David Mdluli ongumyeni webamba lenhloko yoMnyango wezeMpilo, uDudu Mdluli. “Ngisanda kukhuluma naye. Kwafika amalungu enyunyana axoxisana ngodaba lwesiteleka, kodwa imenenja isehhovisi manje. Akukona ukuthunjwa.” UMnisi naye uyiphikile le mibiko wathi: “Sesitholile ukuthi bekungesona isigameko sokuthumba. Amaqabane ahamba nomqondisi wesifunda [uMnu Mdluli] esibhedlela iRob Ferreira ukuze ayohlola isimo esibhedlela. Mhlawumbe labo ababikile bebecabanga ukuthi wukuthumba, kodwa akunjalo, uMnu Mdluli uphephile.” Nokho, umthombo onolwazi ngalesi simo utshele iDaily Maverick
Nokho umthombo onolwazi ngalesi simo utshele iDaily Maverick ukuthi lesi sigameko besithelwa ngamanzi, uthe uMdluli oyimenenja yesifunda saseHlanzeni uthathwe wayiswa ezikhungweni ezehlukene waphoqeleka ukuthi avale lezi zinsiza.
“Abezokuphepha ehhovisi lesifunda bamlandele bakwazi ukumhlenga kulesi zigebengu sezinto ezenzeka eMpumalanga,” kusho umthombo. "Bamtshele ukuthi isizathu esenza ukuthi benze lokhu ukuthi unkosikazi wakhe kanye nomnyango bathole incwadi yenkantolo mayelana nabo ngalosine ebusuku."
Kanti nasesibhedlela esikhulu kazi iErmelo provincial hospital kuvele Ividiyo yamalunga eNehawu ekhipha isikhulu sakuleso sibhedlela, besitshela ukuthi akumele abe sihhovisi kuthiwa, bamuyalela nokuthi Kungani unenhlanhla ngoba bamukhipha kahle ukube kwenye indawo ngabe bamukhipha ngendluzela, lephimbo lomlisa ongadaluliwe okukholakala ukuthi iphimbo la Mnu Mzwandile Zulu ongunobhala weqembu le-SACP, utshele umphathi ukuthi bonke bayayifuna imali.
Kanti kule vidiyo kunowesifazana obekaye endlini encane naye abamutshele ukuthi bekungamelanga angene, uma aphathekile bekumele aye kwakhe.
I-Health Professions Council of South Africa (HPCSA) isigxeke kakhulu udlame nokusatshiswa kwabasebenzi bezempilo ezweni lonke ngesikhathi kuqhubeka isiteleka.