KUYATHUTHUKA UKUFUNDA KWABADALA eWESSELTON

EZOMPHAKATHI

3/16/20232 min read

Imfundo yokuqeqeshwa okuyisisekelo kwabadala (ABET) eNingizimu Afrika manje isithuthuke kakhulu futhi inikeza izinhlelo ezihlukahlukene. IZikode ithole ukuthi ngohlelo oluvela esikhungweni semfundo yomphakathi saseWesselton [(CLC) Community Learning Center] i-ABET.

Abafundi bangena amakilasi afundiswa esikoleni iLindile Secondary.

Njengoba benza usuku lwezemidlalo e-AJ Swanepoel Stadium sibese sathola ithuba lokuxoxisana nabothisha nabafundi, sithole ukuthi noma ubani ongasiqedanga isikole esijwayelekile futhi ofuna ukuthola iziqu zemfundo ephakeme usengakwenza lapha e-Ermelo unethuba lokwenza kanjalo.

Benza izifundo eziqala ku-Level 2, Level 3, kanye ne-Level 4. Ngaphambilini lemfundo yayaziwe nge-Adult Education and Training (AET), bafundisa noma yisiphi isifundo ongase ufune ukusenza.

I-Zikode Bulletin ikhulume noMam Hlabani wase-Wesselton CLC esikhungweni semfundo yomphakathi i-ABET, otshele leli phephandaba ukuthi isizathu sokuba seSwanepoel ukuhlola ukuthi abafundi babo baqhuba kanjani kwezemidlalo.

"Sifundisa kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu kusukela ngo-8 ekuseni kuya ku-1 emini ngohlelo lwemfundo ephakeme, olungaphansi kwe-DHET, futhi leli sonto yisonto lokwenza ezemidlalo. Ngakho-ke thina njengesikhungo, ngeminikelo esiyicelile emphakathini nangeminikelo yethu, baqinisekisa ukuthi abafundi bayalubungaza lolu suku.

”Siyisikhungo esifundisa kusukela kuLevel 2 kuya kuLevel 4. Uhlelo lwethu lokufunda belwaziwa nge-AET phambilini, sizinze eLindile Secondary School. bayasiqhuba amakilasi ethu."

Echaza uthe njengoba bengaxhaswa muntu, babone kukuhle ukuthi bafake iminikelo bangabothisa.

"Kubalulekile ukuthi izingane zizijabulele. Sifundisa abashiya isikole nalabo abangawuphumelelanga uMatikuletsheni.

Ziningi izizathu eziholala abafundi ukuthi bayeke isikole njengokungabi namakhaya, ukungakwazi ukuhambisana nekharikhulamu, noma ukubhekana nezihibe zeminyaka

Ukufundisa nokufunda kwenzeka ngo-8 ekuseni kuya ku-1 ntambama.

Ngesikhathi sikhuluma nabafundi batshele leli phephandaba ukuthi bayajabula ukuthi lolu hlelo lufike ngesikhathi esifanele ngoba bebesanda kuqeda isikole kodwa bengasenawo amamaki amahle.

UNelisiwe Kubheka ukhulume ngalo mcimbi wezemidlalo ngoba uzwa sengathi bazobe bephilile ngoba kufana nokuthi bayajima.

Kodwa kwaba udaba elihlukile ku-Ayanda Hlatshwayo, othi uhlelo luhle.

Uthe bathola iziqu abangeke bazithole kwenye indawo ngohlobo lwemfundo abanayo, abonga kakhulu loluhlelo. Wabe eveza ukuthi konke kwaqala kanjani nezizathu zokuthi kungani kwadingeka ayeke isikole.

"Ngashiya ngenxa yokuthi ngingenakhaya, ngakho kwadingeka ngihambe ngihlale nabantu abahlukene, kodwa angizange ngithole impatho enhle, futhi kwakunzima kakhulu kimi. Ngalahlekelwa abazali bami bobabili, yilapho impilo yami yaqala khona ukuba nzima.

"Ngase ngikhetha ukuyofuna umsebenzi, kodwa futhi angizange ngijabule ngemali engangikhokhelwa yona ngoba yayincane kakhulu."

U-Ayanda uthi into eyinselelo enkulu kulolu hlelo wukuthi kumele bathenge izinto zokubhala nemifaniswano njengoba sebetshelwa ukuthi kumele babe nemifaniswano yesikole. Unxusa umnyango wezemfundo ukuba ubasize babe ngendawo yabo ngoba isikhungo abasisebenzisayo akusona esabo ngqo kodwa ngesabafundi baseLindile.

Uma betholakala besebenzisa izindlu zangasese kuba yinkinga ngoba abavunyelwe ukuzisebenzisa. Ukuba nendawo yabo kuzonciphisa lezo zinselele.

"Sivela ezindaweni ezahlukene, sinezizathu ezihlukene zokuba lapha. Njengoba ngikhulisa izingane ezimbili, kunzima ukubhekana nengcindezi. Ukube isikhungo sinendlela yokondla abafundi ngabe okungcono

"UMdluli silapha ukuzogcina imiqondo yethu imatasa sigwema ukwenza noma yini embi, nokho akukho nkululeko yokunyakaza njengoba kumele siye noma ikuphi kude nekilasi lethu.

Ngakho-ke, ngiyaseseka isitatimende sokuthi sibe nendawo yethu yokufundisa nokufunda. Abanye abafundi abezi esikoleni ikakhulukazi ngoba bengazi ukuthi bazodlani ngesikhathi sekhefu lasemini.

UThandanani Msezane ongumfundi uthe ukungabi nemali eyanele kubaphusha ekusebenziseni inkundla yezemidlalo, yokuzilolonga futhi abanazo izinto zezemidlalo. Nokho ukholwa wukuthi umnyango uzogcina ukuzwa ukukhalo kwabo.

Enye yezindaba ebuhlungu kakhulu ngeyomlisa oneminyaka engu-18 u-Olona Nyanginsimbi, ophuma e-Eastern Cape ezokwenza u-grade 11 eLindile Secondary School. Uthe izifundo wazithola zinzima kuyena, yize ebezama kodwa wagcina ehluleka kulowonyaka.

Ngenxa yalokho, isikole samcebisa ukuba abhalisele i-ABET ngonyaka olandelayo. Uyasibonga lesi sinqumo ngoba usezitholele umkhombandlela wakhe. Ephawula ngosuku lwezemidlalo eSwanepoel, uthe

"Mihle imidlalo yalolu hlobo ngoba ikhuthaza ukwakhiwa kwamaqembu. Ukhulume nabantu angakaze akhulume nabo ngesikhathi kuqhubeka imidlalo wathola ukuthi abantu abaningi bayakhulumiseka. Unomuzwa wokuthi babelapho ukuze bakhe uthando lobafo nolodadewabo, futhi lapho bendawonye, ​​babemunye.