KUZOBA KHONA UKUKHIHLA KWESILILO KUBAGIBELI BAMATEKISI NJENGOBA KULINDELEKE KUNYUKE IMALI YOKUGIBELA.
EZOMPHAKATHI


Kuzoba khona kukhala kubagibeli bamatekisi, njengoba inhlangano enkulu yamatekisi, iSouth African National Taxi Council (Santaco), imemezele ukuthi kuzonyuka imali yokugibela amatekisi kusukela ngo mhla 1kuJulayi 2023.
Lokhu kungemuva kokubona izindleko zokuphila eNingizimu Afrika zinyuka mihla namalanga. Osokwenze kwaba nokukhathazeka kubantu bakuleli.
Okhulumela I Santaco uMnuz Mduduzi Makhunga uveze ukuthi bayazwelana nabagibeli ngoba bayazi ubunzima ababhekana nabo yingakho nemali yokugibela bayinyusa kanye.
Uveze nodala luka phethiloli ukuthi unyuka kaningi kuphi de kunyuke nemali-mboleko, namandla abuye ehle kodwa abemboni yamatekisi imali bayinyusa kanye ngonyaka.
UMakhunga uthe isinqumo sokuthi imali izonyuswa ngamalini izothathwa ososeshini ngoba kuzoba nokuhluka phakathi kwamatekisi ahamba a abangani amade namafushane.