LEQE NGEFASITELA IKHANSELA NGEMUVA KOKUZAMA UKUDLWENGULA INTOMBAZANE ENEMIYAKA-12 UBUDALA
EZOMPHAKATHI


Kuboshwe ikhansela elineminyaka engu-39 eKriel eMpumalanga ngamacala okugqekeza, ukushaya ngenhloso yokulimaza kanye nokuzama ukudlwengula.
"Ngokolwazi kuthiwa
ikhansela livakashele umngani walo lapho beziphuzele khona." kusho uMohlala. Khona-ke laba bangani ababili "baphuma bayongcebeleka" endaweni yokucima ukoma eseduze.
"Unina wentombazane kuthiwa ubeye emsebenzini yingakho intombazane kanye nodadewabo omdala
oneminyaka engu-26, kuthiwa bashiywe isikhashana ukuthi bahlale nomalume wabo - umngani weKhansela.
"Kuthiwa ngesikhathi laba abangani ababili besasendaweni yokucima ukoma, ikhansela laphuma isinyenyela lingamtshelanga umngani walo," kusho uMohlala.
Emizuzwini embalwa ngaphambi kwamabili, udade osekhulile uthi uzwe othile egqekeza endlini. "Uphinde wathi lo muntu uzame ukuvula isicabha sekamelo lakhe ebesikhiyiwe ngenhlanhla. Ube esefonela umngani wakhe wamcela ukuthi abikele amaphoyisa ngokushesha." kusho uMohlala
"Ngesikhathi sisashaqekile, udadewabo kubikwa ukuthi uzwe udadewabo omncane ethi makacele umalume wakhe ukuthi azomhlenga. Umbiko uqhuba uthi umsolwa waphendula wathi umalume akekho endlini” kusho uMohlala.
"Ngaleso sikhathi amaphoyisa afikile, kuthiwa umgilwa washiya phansi abekwenza wabaleka ngewindi washiya isikibha sakhe kanye
nomakhalekhukhwini wakhe. Amaphoyisa alandele umsolwa ambamba kanti ngokombiko umsolwa ubegqoke ibhulukwe eliluhlaza okwesibhakabhaka
nezicathulo ezinsundu ngaphandle kwetop ngesikhathi evalelwa ekhoneni. Wathweswa icala ngokufanele."
"Imoto yomsolwa iphinde yatholwa endaweni ebalelwa ku-50m ukusuka emzini."
kusho uMohlala