LIHLEHLISELWE U-MAY ICALA LABASOLWA ABABILIBASOLWA NGOKWAKHA ITULO LOKUBULALA EMBALENHLE.

EZOMPHAKATHI

4/18/20231 min read

Abasolwa ababili bavele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yase-Evander ngo-Ephreli 11 ngecala lokwakha itulo lokubulala.

Amaphoyisa abophe laba bobabili ngo-Ephreli 5 ngesikhathi amalungu eVukanini Taxi Association (Vukta) elunywa indlebe ngabasolwa okuthiwa bebehlomile behlala endlini yezivakashi eMbalenhle.

Amalungu eVukta abambe abasolwa endlini yezivakashi abayisa esiteshini samaphoyisa eMbalenhle, bafike baboshwa babekwa icala lokwakha itulo lokubulala.

Okhulumela amaphoyisa eMbalenhle, uConstable Busi Mthethwa, ukuqinisekisile ukuboshwa kwamaphoyisa wathi amaphoyisa asaphenya ngaleli cala.

Laba balisa ababili basilahlile isicelo sabo sebheyili ngommeli wabo abaqokwe wuhulumeni ngesikhathi bevela enkantolo.

Inkantolo ilihlehlisele uMeyi 23 ukuze kuqhutshekwe nophenyo.

Amalungu eVukta abeze ngobuningi enkantolo.

USihlalo kasoseshini, uMnuz Fanyana Sibanyoni, utshele abezindaba ukuthi ngeke akwazi ukuphawula ngoba icala lingaphansi kwenkantolo.