LIHLEHLISELWE UMSOMBULUKO ICALA ELIBHEKENE NODOKOTELA U MAGUDUMANA KANYE NOYISE WAKHE

EZOMPHAKATHI

4/14/20231 min read

Uvele eNkantolo yeMantshi yaseBloemfontein, ngoLwesine, ngecala lokubulala nokusiza isiboshwa ukuthi seqe ejele uDkt Nandipha Magudumana.

Icala lihlehliselwe uMsombuluko ukuze kutholakale eminye imininingwane yecala ngebheyili futhi kungenzeka bafake isicelo sebheyili.

UDkt Magudumana ongumsolwa wesine ecaleni lokweqa kukaBester, uvele nomsolwa wesithathu, uMnuz Tebogo James Dipholo owayesebenza enkampanini eyayinenkontileka yokufaka ama-CCTV ejele laseMangaung.

Icala lihlehliselwe ukuze babuyele enkantolo noyise kaDkt Magudumana oboshwe ngeledlule, uMnuz Zolile Cornelius Seleke (65) noMnuz Senohe Matsoara (39) owayengumsebenzi wakwa-G4S ovele enkantolo noSekele ngoLwesibili.

Bobane abasolwa bathweswe amacala okubulala okuhleliwe, elokusiza isiboshwa ukuthi seqe ejele, elokweba, namanye.

UMbuso usola laba abane ngokusiza isiboshwa uThabo Bester ukuthi seqe ejele iMangaung Correctional Centre ngoMeyi 2022.

Amaphoyisa abeziqinisile ezokuphepha ngesikhathi kuvela uDkt Magudumana enkantolo.

Lo dokotela osephenduke undabamlonyeni ubezimboze ubuso ngesifonyo, egqoke ijakhethi enombala oluhlaza enesigqoko abezimboze ngaso ikhanda.

Uzakwabo ubebukeka okomuntu obedidekile, efake ijakhethi emnyama nezibuko. Bobabili beboshwe imilenze ngozankosi