LIHOXISIWE IGAMA LIKADUMA NDLOVU KWABAZOHLONISHWA WUMENGAMELI CYRIL RAMAPHOSA

EZOMPHAKATHI

4/25/20231 min read

IZIKHALO ziphoqe ukuthi lihoxiswe igama lomsunguli wemidlalo yethelevishini, uDuma Ndlovu, ohlwini lwabazohlonishwa wuMengameli Cyril Ramaphosa ngamagalelo abo emcimbini ozoba sePitoli ngoLwesihlanu.

UNdlovu, ongumsunguli wemidlalo okubalwa kuyo iMuvhango noZalo ubezohlonishwa ngendondo yesiliva kuma-Order of Ikhamanga uma kukhishwa imiklomelo yamaNational Orders.

Ngale miklomelo kuhlonishwa abanamagalelo enkululekweni yakuleli nokuba nomthelela ekuthuthukiseni impilo yabantu. UNdlovu ubezohlonishwa ngomsebenzi wakhe kwezethelevishini namafilimu ngisho esekudingisweni wayezimisele ekuthuthukiseni ezobuciko namasiko ezweni.

I-ANC Veterans League ibhalele uMengameli Cyril Ramaphosa incwadi izwakalisa ukungenami kwayo ngokuqokwa kukaNdlovu. Ikhale ngokuthi igama lakhe lithinteka embikweni kaJaji Raymond Zondo ngokulawulwa koMbuso yidlanzana. Kuthiwa igama lakhe livela ekulawulweni kwenhlangano ebhekene nokuqoqa intela kuleli, iSA Revenue Services (Sars), njengoba kunezinsolo zokuthi inkampani yakhe yayisebenzisana neBain & Company ethole isijeziso sokuthi ingenzi msebenzi nohulumeni wakuleli kuze kuphele iminyaka engu-10.

Encwadini eshicilelwe yiHhovisi likaMengameli, kumenyezele ukuthi ngemuva kwezikhalo, lithathe isinqumo sokuthi lihoxisiwe igama likaNdlovu.

Ihhovisi lithe: “Kulandela izikhalazo ezivela ezinhlakeniezahlukene zomphakathi, kanye nezincomo zeNational Orders Advisory Council (NOAC), umengameli usamukele isicelo sokuhoxiswa kwegama lika Duma Ndlovu,” Imizamo yokuxhumana noNdlovu izolo ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa. Umyalezo athunyelelwe wonaugcine engawuphendulanga.

Imizamo yokuthola ukuphawula kwe-ANC Veterans League nayo ayiphumelelanga. Ngesontoe ledlule ucashunwe kuleli phephandaba ethi uyabonga ngokuhlonishwa kwakhe.

Uthe uyazigqaja kakhulu, ukumenyezwa kwegama lakhe nje kusho lukhulu kuye. Abanye okulindeleke ukuthi bahlonishwe ngumsunguli weGenerations: The Legacy, uMfundi Vundla, umculi ongasekho osekuqanjwe ngaye indawo iPomeroy, uSolomon Linda, ukapteni wamaBhokobhoko, uSiya Kolisi, umqeqeshi weBanyana Banyana, uDesiree Ellis, nabanye.