LIMLAHLILE UMQASHI OWANUKUBEZA ISISEBENZI SAKHE
EZOMPHAKATHI


UMmeli kamsolwa usukume wanxusa inkantolo ukuthi ngaphambi kokuba ikhiphe isigwebo lihlehle icala ukuze kutholakale uMbiko kasohlalakahle. Umshushisi wombuso ubebhodla umlilo enkantolo ethi leli cala aliphele namhlanje hhayi indaba yakusasa hhayi ngenyanga ezayo uthi namhlanje yena usekhathele ukubukeka njengomuntu ongathembekile emphakathini njengoba yena emele ummangali futhi leli cala selindonse iminyaka eya eshumini manje aliphele namhlanje.
UMmeli Wombuso uthe lomsolwa usetholakale enecala lokudlwengula kanti futhi umuntu omdala akagibele ebhokisini achaze isimo sakhe sempilo ahambe aye ejele kungabe kumoshakala isikhathi senkantolo ngoba sesivele simosakele kusukela ngonyaka ka 2014 kuze kube yimanje.
Siphinde sakhulumisana nabamele izinhlangano zomphakathi eMkhondo nabathe babonga ukuthi inkantolo igcine imthole enecala umsolwa, Noma bangakajabuli ngendlela inkantolo yaseMkhondo emphatha ngayo ummangalelwa babona engathi yena ngoba owebala elimhlophe bamphatha ngendlela ehlukile kunabanye abasolwa.
Baqhube bathi njengoba kusalindwe isigwebo salomsolwa esizokhishwa ngomhlaka 30 June 2023 uMmangali ingabe uphephe kangakanani njengoba namhlanje umndeni womsolwa ubuthatha izithombe ngaphandle kwemvume.
Ukukhishwa kwesigwebo inkantolo yaseMkhondo ikuhlehlisele umhlaka 30 June 2023 umsolwa uzoqhubeka abe ngaphandle besekuthi njalo ngomsombuluko ahambe ukuyobika esiteshini samaphoyisa ukuthi usekhona.