LIPHINDE LAHLEHLA ELOKWEQA EJELE KUKA BESTER

EZOMPHAKATHI

6/21/20231 min read

Lihlehlele u-Agasti 8 icala lokweqa kukaThabo Bester ngemuva kokuba abameli bakhe befake isicelo sokusula.

Abasolwa abayisishiyagalombili, okubalwa kubo noDokotela Nandipha Magudumana osolwa ngokuba yisinqandamathe sikaThabo, bavele bukhoma eNkantolo yeMantshi eBloemfontein.

UBester kuphela ovele enkantolo ngobuchwepheshe besimanje. Ugqunywe ejele iKgosi Mampuru II ePitoli kulandela ukubuyiswa kwakhe eTanzania lapho ayebhace khona noDokotela Magudumana.

Namuhla liqale ngenye indlela icala kulandela isicelo sabameli bakaBester sokuhoxa kuleli cala.

Ngabameli besibili laba asebehoxile kusukela liqalile leli cala.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngesonto eledlule Isolezwe labika ngokuboshwa kommeli kaBester, uTshireledzo Ndou (27), obhekene namacala okuzama ukudlwengula nokushaya owesimame oneminyaka engu-34.

UNdou ukhishwe ngebheyili kaR1000 ngaphansi kwemigomo nemibandela ethi angahlangani nomsolwa noma ngabe kwenzekani. UNdou umelwe nguJeremia Pela asebenzisana naye ecaleni likaBester, naye uPela ubhekene notwayi lwakhe kwezomthetho njengoba ethinteka ecaleni lokuqola elithinta ithenda eBloemfontein.

Lo mmeli uzobuyela kusasa eNkantolo yeMantshi eBloemfontein ukubhekana nalawa macala.

Icala likaBester lihlehliselwe usuku olubhalwe ngenhla nonyaka lapho kuzobonakala khona abameli bakhe abasha