OBEYISIHLABANI SOMCULO WE-KWAITO UKHULULIWE EJELE EMUVA KOKUBOSHWA IMINYAKA EMITHATHU.

EZOMPHAKATHI

8/25/20231 min read

Uphumile ejele uThulani Ngcobo odume ngelika Pitch Black Afro ngemuva kokudonsa iminyaka emithathu ngecala lokushona komlingani wakhe.

UMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo (DCS) ukuqinisekisile ukuthi uNgcobo ukhululwe njengoba ehlomule ngokudedelwa kwesigwebo esiyisipesheli.

UNgcobo ugwetshwe iminyaka engu-10 ngo June 2020 ngecala lokubulala ngokungenhloso ngemuva kokubulala isinqandamathe sakhe uCatherine Modisane ngesikhathi bexabana.

Utholwe engenacala lokwehlula iziphetho zobulungiswa kanye nokubulala okuhleliwe.

IJaji elibambile u-J Du Plessis weNkantolo eNkulu yase Gauteng eGoli, ulengise ingxenye yesigwebo sakhe ngombandela wokuthi angatholakali enecala elifanayo.

Okhulumela i-DCS, uMnuz Singabakho Nxumalo, uthe isigwebo sikaNgcobo sesiphelile, futhi ibingekho imibandela ekhethekile yokuthi akhululwe.