Osomatekisi bahlasele esteshini samaphoyisa
EZOMPHAKATHI


Babalelwa ku-23 abashayeli bamatekisi ababoshiwe ngemuva kwezinsolo zokuthi bagasele esiteshini samaphoyisa eWitbank bahlasela amaphoyisa, ngesikhathi befuna kudedelwe owesilisa oboshelwe amacala okubulala nokuzama ukubulala.
Okhulumela amaphoyisa aseMpumalanga, uBrigadier Selvy Mohlala uthe isigameko saqala ngoLwesithathu olwedlule lapho iqulu labashayeli bamatekisi beya eKlarinet eWitbank nezinsolo zokuthi bathumba baphinde bashaya kanzima amadoda amabili ababebasola ngokweba.
"Oyedwa wabesilisa ababebanjiwe igama lakhe linguSfiso Dube, 29 ushone ngeshwa ngesikhathi omunye walaliswa esibhedlela ngenxa yokulimala," kusho uMohlala.
"NgeSonto mhlaka 19 March 2023, abaphenyi baholelwe emzini oseWitbank ngemuva kokuthola imininingwane yokuthi umsolwa ukuphi. Wathi ebona ama lungu asondela, kubikwa ukuthi waphuma egijima endlini ephethe into efana nesibhamu, okuthiwa ubeyisebenzisa ukukhomba elinye lamalungu." kusho uMohlala. Kuthiwa amaphovisa adubule ebhekise kumsolwa othole ukulimala esingenzansi. Umsolwa oneminyaka engu-33 ubudala wabe eseboshwa.
"Ngaleso sikhathi amaphoyisa athola ukuthi into abemthathele yona
bekuyisibhamu sethoyizi. Ube esephuthunyiswa esibhedlela kodwa wabuye wadedelwa. I-
Independent Police Investigative Directorate izophenya ngesigameko sokudubula." kusho uMohlala.
Uthe umsolwa oboshelwe icala lokubulala nelokuzama ukubulala kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi
Emalahleni namuhla.
Uthe "okumangazayo ukuthi ngezithuba zabo-18:00 ngoMsombuluko, iqulu labashayeli bamatekisi lafika esiteshini samaphoyisa eWitbank ngamakhumbi amane "ladala isigameko" ngaphandle kwezakhiwo.
"Kubikwa ukuthi basabise abaphathi besiteshi baphinde bafuna ukuthi kudedelwe umsolwa ecaleni lokubulala
nelokuzama ukubulala. "Ngokuphendula izimfuno zabo ithimba labikelwa ukuthi akwenzeki base bevalelwa ukuthi baphume ngokushesha esiteshini kodwa iqeqebana lanqaba, esikhundleni sokuthi lisuke livuke umbhejazane laqala ukujikijelangamatshe emagcekeni akwa-SAPS. " kusho uMohlala.