OWAYEYIPHINI LIKAMENGAMELI U-DAVID MABUZA UNQOBE ICALA LOKWEHLISWA ISITHUNZI NGAMACALA OKUBULALA EZEPOLITIKI

EZOMPHAKATHI

4/18/20231 min read

INkantolo eNkulu yaseMpumalanga iyalele isishoshovu sezombusazwe ukuba siphumele obala sixolise lowo owayeyiPhini likaMengameli uDavid Mabuza ngokumsola ngokuba ngunggondonggondo ekubulaweni kwezepolitiki esifundazweni.

Ngokwesinqumo esikhishwe ngoLwesithathu, uMabuza wanqoba icala lokwehliswa isithunzi alivulele uPompie Letwaba, owayeyilungu le-ANC futhi eyisishoshovu sezombusazwe eMpumalanga.

Ezikhathini ezihlukene ngo-2021, uLetwaba wenza izinsolo eziningi ngoMabuza ezingxoxweni zethelevishini ezazisakazwa ku-eNCA neNewzroom Afrika. ULetwaba uthe uMabuza ubengungqondongqondo ekubulaweni kwezepolitiki eMpumalanga ngesikhathi enguNdunankulu.

Ubale osopolitiki abehlukene be-ANC abashona ngendlela engaqondakali bezama ukuhlanganisa uMabuza nokufa kwabo. ULetwaba uthe ukubulawa kowayenguSomlomo weMbombela Jimmy Mohlala kungesinye sezigameko zokubulala ezenzeke eMpumalanga kusukela ngo-2009.

Sekuke kwabikwa uchungechunge Iwezigameko zokubulawa kwabantu ezinhlakeni zezombusazwe kulesi sifundazwe eminyakeni edlule, kodwa bekungakaze kube nokuxhumana nowayeyiPhini likaMengameli.

UMabuza waya eNkantolo eNkulu yaseMpumalanga ngo-2022, wayicela ukuthi ivimbele uLetwaba ukuthi akhulume izitatimende ezihlambalazayo emphakathini. Uphinde wacela ukuthi kuxoliswe umphakathi kuzona lezi zinkundla zezindaba ezisetshenziswa uLetwaba ukumehlisa isithunzi. Inkantolo izivumile izicelo zikaMabuza.

ULetwaba ubephikisa ngokuthi izitatimende zakhe uzenze ngenhloso yokusiza umphakathi, kodwa inkantolo ayizange ivume. ljaji liyalele uLetwaba ukuthi ayeke ukwenza ezinye izitatimende emphakathini.

ULetwaba uyalelwe ukuba axolise esidlangalaleni kuMabuza ku-eNCA, Newzroom Afrika nasephephandabeni iCitizen zingakapheli izinsuku ezingu-14.

Uma izinhlangano zezindaba zenqaba ukunikeza uLetwaba inkundla yokuxolisa, uMabuza uzoba nelungelo lokuya enkantolo ukuze athole usizo, kusho uMashile.

ULetwaba useyalelwe nokuthi akhokhe izindleko zecala likaMabuza.