Owesifazane Osolwa Ngokuqola u-Eskom u-R14 Million Kulindeleke Ukuba Adedelwe Ngebheyili

EZOMPHAKATHI

3/22/20231 min read

Owesifazane Osolwa Ngokugola u-Eskom u-R14 Million Kulindeleke Ukuba Adedelwe Ngebheyili

UThandeka Innocentia Nkosi, 42, kulindeleke ukuthi acele ibheyili uma evele eNkantolo yeMantshi yaseHendrina mayelana necala lokwebiwa kuka-R15 million kwa-Eskom.

Ngesonto eledlule uNkosi ugcinwe esitokisini ngesikhathi evela ngamacala okweba, ukukhwabanisa nokushushumbisa imali.

"Ukuvela kwakhe kulandela uphenyo olunzulu olwenziwa abaphenyi bakwa-Eskom mayelana nemali eyantshontshwa kwa-Eskom. Ngemuva kokudalula umkhonyovu, kwavulwa icala landluliselwa oKlebe baseMiddelburg ukuze kuqhutshekwe nophenyo," kusho okhulumela oKlebe eMpumalanga Captain Dine Lucy Sekgotodi.

"Ngesikhathi bephenya kwatholakala ukuthi ngo March kuya ku-April 2013, uNkosi owayeqashwe u-Eskom e-Arnot Power Station njengeSenior Buyer. Kusolakala ukuthi wasebenzisana nomqondisi we-Angel Frost Investment (PTY) LTD.

UNkosi wabe eseboshwa, wathweswa icala wabe esevela phambi kweMantshi yaseHendrina ngoLwesihlanu, icala lakhe lahlehliselwa inamuhla.

"Icala lihlehliselwe umhlaka 22 March 2023 ukuze afake isicelo sebheyili kanti kulindeleke ukuthi ahlangane nabanye abasolwa abane. Abasolwa basagcinywe esitokisini kanti

uphenyo liya qhubeka." kusho uSekgotodi.