OWESILISA OHLULWE ABASEBENZI NGENKATHI EZAMA UKUBAMBA INKUNZI UZODONSA IMINYAKA EYISITHUPHA EJELE
EZOMPHAKATHI


UThabiso Kina Zondi, oneminyaka engu 25, ungene espaza wakhomba umnikazi wesitolo nomsizi wakhe ngesibhamu, bamuphuce isikhali base bebiza amaphoyisa.
"Umsolwa uThabiso Kina Zondi kuthiwa ungene espaza wakhomba umnikazi wesitolo nomsizi wakhe ngesibhamu. Ube esefuna imali kodwa ubengazi ukuthi udlala ngomlilo njengoba laba bobabili bekwazile ukumphuca izikhali base bebiza amaphoyisa." kusho uMohlala.
UZondi waboshwa wabekwa icala lokubamba inkunzi ehlomile nokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.
"Uvele eNkantolo yesiFunda yaseStanderton izikhawu eziningi, ngoLwesihlanu wagwetshwa iminyaka eyisithupha ejele ngecala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni kanye neminyaka emihlanu ebhadla ejele ngamacala okugebenga, okwalengiswa ngokugcwele,' kusho uMohlala.
Abaphathi be-SAPS eMpumalanga basamukele isigwebo, bashayela ihlombe izisulu ngokwenza "umsebenzi omkhulu ngokuxwayisa amaphoyisa ngemuva kokubamba abasolwa kunokuthi bazibambele mathupha umthetho".