OWESILISA, ONEMINYAKA ENGU 34, UBOSHIWE EMPUMALANGA NGEMUVA KOKUBA AMAPHOYISA ETHOLE IMALI ENGAPHEZU KUKA-R100 000, IZINHLAMVU NESIBHAMU SETHOYIZI OKUHLOBENE NOKWEBIWA KWEMALI YE-ATM YAKWA CAPITEC.

EZOMPHAKATHI

4/3/20231 min read

UBrigadier Mohlala, okhulumela amaphoyisa eMpumalanga uthe umsolwa ongakadalulwa njengoba engakaveli enkantolo, uboshwe ngeSonto.

"Kuthiwa iqulu labasolwa abalinganiselwa kwabahlanu kuthiwa baye ku-ATM

yakwaCapitec enxanxatheleni yezitolo ngemoto yohlobo weVolkswagen Polo ensomi.

"Kuthiwa bathole indlela lapho bekukhona imali base bethatha isamba semali esingadalulwanga ku-ATM.

Kwabe sekucushwa i-alamu eyabikela inkampani yonogada eyabe ibikela amaphoyisa aseStanderton SAPS”

Izigebengu ezine zabaleka, njengoba evalelwe ekhoneni abomthetho.

"Ubekwe icala lokugqekeza kanye nelokutholakala nempahla okusolakala ukuthi yebiwe, imali. Kulindeleke avele eNkantolo yeMantshi yaseStanderton maduze, ebhekene nala macala," kusho uMohlala