OWESILISA WASE-VOLKSRUST UGWETSHWE IMINYAKA ENGU-25 EBHADLA EJELE NGOKWEBA IMALI ENGAPHEZU KUKA-R500K

EZOMPHAKATHI

5/5/20231 min read

Owesilisa kulindeleke ukuthi adonse iminyaka engu-20 ejele iminyaka engu-25 ngamacala okweba. Isikhwama sakhe sempesheni asiqongelele ngesikhathi eqashwe ebhange antshontsha kulo sizodliwa ukuze kunxeshezelwe ukulahleka kwaso.

UThokozani Goodwill Ndlovu (35) obesebenza ebhange eVolksrust, ugwetshwe iminyaka engu-25 ebhadla ejele ngecala lokweba ebhange abesebenza kulo elahlonza imali engaphezu kuka-R500 000 eyaduka zingakapheli izinsuku ezintathu ngoNovemba 2018.

Ukugwetshwa kukaNdlovu kusanda kwenzeka eNkantolo yesiFunda yaseVolksrust.

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa esifundazweni, uBrigadier Selvy Mohlala, uphenyo lwangaphakathi ebhange luhlonze uNdlovu njengomsolwa oqavile. "Ibhange lavula icala kwaSAPS eVolkrust, nenze uphenyo olwaholela ekuboshweni kukaNdlovu ngoMashi 2019."

UMohlala uthe, “Umsolwa ugwetshwe iminyaka engu-10 ngamacala amabili okweba ngalinye kanye neminyaka emihlanu ebhadla ejele ngecala lesithathu lokweba azoliqhuba kanye nelesibili.

UNdluvu kulindeleke ukuthi adonse iminyaka engu-20 ejele. Kodwa-ke inkantolo iphinde yakhipha isinqumo sokuthi isikhwama sakhe sempesheni sidliwe yibhange ukuze kunxeshezelwe ukulahlekelwa okwenzekile.

UKhomishana wamaphoyisa esifundazweni, uLieutenant General Semakaleng Manamela, uxwayise abasebenzi kanye namalungu omphakathi nganoma yiluphi uhlobo lwenkohlakalo futhi bagweme ukwenza imali ngokushesha okungemthetho