SEBAZOHLA EZITULWENI BABHALELE EMATAFULENI ABAFUNDI BASE BOTLENG
EZOMPHAKATHI


Banikelelwe ngamatafula nezitulo ezintsha abafundi base Botleng Secondary School
Laba bafundi base Botleng Secondary School, bebesebenzisa amathini kampende ukuhlala emagumbini okufundela.
Kanti kuthe uma lena nkinga ibikelwa abakwa- Q4 Fuel eDelmas, banquma ukwenza uhlelo.
Emcimbini owawungoMashi 7, amabhentshi esikole angama-60 angakwazi ukuhlalisa abafundi ababili ngalinye anikezwe iBotleng Secondary School.
Amabhentshi angu-60 anikelelwe eBotleng Secondary School.
Abafundi baseBotleng Secondary School bebehleli emathini kapende angenalutho uma befundiswa ngoba awenele amabhentshi ukuze wonke umuntu abe nendawo yokuhlala efanele.
Emcimbini wokunikezelwa kwempahla kubalwa u-Ian Bester, omele i-Q4 Fuel, uStephens Ngomo, usihlalo wesikole, uDavid Mollo, uthishanhloko, noHendrey Mbalekwa, usomlomo kaMasipala waseVictor Khanye.
“Abafundi baphoxekile ngalo mnikelo bacula ngokuhambisanayo bebonga,” kusho u-Elismarie Botha weQ4 Fuel.
UDiikgetse Sepenyane, owaziwa ngelika 'Slash' emphakathini waseDelmas, ubonge iQ4 Fuel ngokubambisana nabafundisi egameni lesikole iBotleng Secondary School.