SEKUNDLULE EMHLABENI OWAYENGUKAPUTENI WAMABHOKOBHOKO

EZOMPHAKATHI

8/23/20231 min read

Lomlisa obeneminyaka engu-68 ulimale kanzima engozini yemoto ngase Stellenbosch izolo ebusuku.

Ngokwemibiko , lengozi yenzeke emgwaqeni u-Koelenhof (R304) phakathi kuka N1 no Stellenbosch.

Umndeni wakhe uqinisekise ukushona kwakhe kwa Maroela Media esitatimendeni esikhishwe ekuseni.

Isitatimende sifundeka ngalendlela ukuthi 'ukulimala kwakhe kwakukukhulu kakhulu ukuthi umzimba wakhe ungawuphatha'

Ushiya emuva umfazi wakhe , izingane ezi-4 kanye nabazukulu abayi-7.

I-SA Rugby magazine ibika ukuthi uStofberg udlalele amaBhokobhoko ama- Test angama-21. Phakathi kuka -1976 no 1984 , wawaphatha womane, okuhlanganisa je England ngo 1984.

Ehlangene no-Morne du Plessis kanye no Rob Louw , bakhe umugqa wasemuva owesabekayo wamabhokobhoko.

Esifundazwe , uStofberg ubedlalela iFree State , Northern Transvaal (manje esibizwa ngeBulls) kanye ne Western Province kanti usabambe iqhaza elibalulekile lokuba nguyena kuphela umdlali owine iCurrie Cup nezinyunyana ezintathu ezahlukene.