SITHOLAKALE SIDINDILIZILE ISIDUMBU SOWESILISA EZIMPAMBANWENI ZOMGWAQO KHONA LA-ERMELO
EZOMPHAKATHI


ERMELO – Owesilisa utholwe eshonile emgwaqweni ezimpambanweni zomgwaqo u-Ennis noBurger Street ngoLwesithathu wangomhla ziyishumi nesishiyakalolunye(19) 2023 .
Amaphoyisa, abezimo eziphuthumayo, i-forensic pathology, nomnyango wezomgwaqo bebesendaweni yesigameko.
Imbangela yokushona kwalona wesilisa ayikaziwa okwamanje.
Ngezithuba zabo-16:40 ngoLwesithathu, iphoyisa lomgwaqo lithole umbiko wokuthi kunemoto eshayise umuntu obehamba ngezinyawo edolobheni. Ngesikhathi abezimo eziphuthumayo befika endaweni yesigameko, lona owesilisa obehamba ngezinyawo kuthiwa ubesevele eshonile ngenxa yokulimala akuthola ngesikhathi kwenzeka ingozi. Abezimo eziphuthumayo babike ukuthi lo obehamba ngezinyawo useshonile endaweni yesigameko.
kanti amaphoyisa ase-Ermelo ayaphenya ngololu daba.