UCELA USIZO UMNDENI OSINDE NGENKATHI KUPHAPHALAZA IMOTO ENGENE YASHAYISA UBONDA LWENDLU.

EZOMPHAKATHI

5/5/20231 min read

Ucela usizo umndeni wakwaZondo ePhola Park ( 5701) KwaNtombazane eMkhondo, kube nemoto yohlobo lwe Isizu ephaphalaze yawisa isango isuka emgwaqeni yabhidliza ubonda lwendlu yangena ngaphakathi endlini.

Umbiko uveza ukuthi umshayeli wemoto ubanjwe ama (Fits) wase ehluleka ukuyilawula imoto. Indlu ivuleke isikhala njengoba imoto ibhajwe ngaphakathi endlini. Umndeni wakwaZondo ucela usizo lwesihlabathi, usimende, isivalo, ifasitela kanye nezitini siyacela ngoba nomshayeli ukhale ngokuthi akasebenzi wahlaliswa yikho ukugula ekhaya.

Ingozi yenzeke izolo ngolwesibili mhlaka 2 May 2023 ngezikhathi zabo 11 emini, Amaphoyisa afikile endaweni yesigameko kanti futhi akubikwanga muntu olimele umndeni ucela noma ubani ongaba nosizo ekulungiseni umuzi wakwaZondo njengoba umnumzane wekhaya engasebenzi ephila ngemali yesibonelelo. Umndeni wakwaZondo uthi ucela uMasipala ukuthi nawo ulekelele njengoba lengozi eyenzeke kulelakhaya seyenzeka okwesine (4) kanti futhi lomuzi wakhe eduze nekhona lomgwaqo.