UGADWE ESIBHEDLELA SASEMPUMALANGA NGAMAPHOYISA OSOLWA NGOKUDUNA IMOTO.

EZOMPHAKATHI

4/26/20231 min read

Kuboshwe oyedwa okusolwa ukuthi ngumduni wezimoto , kanti ugadwe ngamaphoyisa esibhedlela kulandela ukudubulana namaphoyisa eShangaan Hill eBushbuckridge.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Selvy Mohlala, uthe ngoMsombuluko ngezithuba zabo-12:30 ebusuku, amaphoyisa aseBushbuckridge abesenza umsebenzi wawo wokugada eShangaan Hill, ngesikhathi ebona imoto emhlophe yohlobo lweToyota Quantum, ehambisana nencazelo yaleyo okubikwa ukuthi idunwe eBolobedu eLimpopo .

“Amaphoyisa azamile ukumisa imoto kodwa abingelelwa ngenhlamvu yezinhlamvu kwaphoqeleka ukuthi amaphoyisa aziphindiselele, amaphoyisa akwazile ukuyikhipha ngenkani iQuantum yaze yama.

“Abagibeli ababili behle emotweni kanti oyedwa wabo wabaleka endaweni yesigameko. Umsolwa wesibili onamanxeba amabili okudutshulwa uboshiwe, kumanje ugadwe ngamaphoyisa esibhedlela.”

"Ngesikhathi kuseshwa imoto, kutholwe isibhamu esisodwa, isibhamu sohlobo lwe-9mm kanye ne-9mm live round," kusho uMohlala.

UMohlala unxuse noma ngabe ngubani ongaba nolwazi olungasiza ekuthungatheni umsolwa osagcwele amathafa ukuthi athinte umphenyi uDetective Lieutenant-Colonel Christopher Mashego ku- 082 469 1298 .

Okunye amalungu omphakathi angashayela inombolo yeCrime Stop ku- 08600 10111.

Kwesinye isigameko kutholwe isibhamu sohlobo lwe-9mm esingenazinsimbi eSchoemansdal.

UMohlala uthe amaphoyisa endawo asukumele ngolwazi lokuthi amalungu omphakathi ahlangane lapho okuhlala khona umsolwa ngoMsombuluko ngezithuba zabo-11:00.

Ngenkathi kufika amaphoyisa kwenziwe uphenyo okuholele ekutheni kutholakale isibhamu.

UMohlala unxuse noma ngabe ngubani ongaba nolwazi olungasiza ekuthungatheni umsolwa osagcwele amathafa ukuthi athinte umphenyi uDetective Lieutenant-Colonel Christopher Mashego ku- 082 469 1298 .

Okunye amalungu omphakathi angashayela inombolo yeCrime Stop ku- 08600 10111.

Kwesinye isigameko kutholwe isibhamu sohlobo lwe-9mm esingenazinsimbi eSchoemansdal.

UMohlala uthe amaphoyisa endawo asukumele ngolwazi lokuthi amalungu omphakathi ahlangane lapho okuhlala khona umsolwa ngoMsombuluko ngezithuba zabo-11:00.

“Ekufikeni kwamaphoyisa kwenziwe uphenyo okuholele ekutheni kutholakale isibhamu.

“Umsolwa oneminyaka engu-27 uhlulekile ukuveza ilayisensi yesibhamu wabe eseboshwa wabekwa icala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.

"Umsolwa uvele eNkantolo yeMantshi yaseNkomazi ngoMsombuluko," kwengeza uMohlala.

UKhomishana wamaPhoyisa e-SAPS eMpumalanga, uLieutenant-General Semakaleng Daphney Manamela ukwamukele ukuboshwa kwabasolwa nokutholwa kwesibhamu .

Umsolwa oneminyaka engu-27 uhlulekile ukuveza ilayisensi yesibhamu wabe eseboshwa wabekwa icala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.

Umsolwa uvele eNkantolo yeMantshi yaseNkomazi ngoMsombuluko, kwengeza uMohlala.

UKhomishana wamaPhoyisa e-SAPS eMpumalanga, uLieutenant-General Semakaleng Daphney Manamela ukwamukele ukuboshwa kwabasolwa nokutholwa kwesibhamu.