UGCINWE ESITOKISINI ONGQONGQISE EMUVA KOKUTHI OKHELE IKHAYA LAKUBO NGOMLILO
EZOMPHAKATHI


Owesifazane oneminyaka engu 36 ubudala ushaqekile ngemuva kokuthi umuzi womndeni wakhe ebawusebenzela kanzima ushiswe umfowabo omncane ngoLwesithathu ngomhlaka 3 Meyi 2023 ngabo-23:00 ebusuku.
UBheki Tibane oneminyaka (33) ubudala ushiye udadewabo oneminyaka engu (36) ubudala engenakhaya sekusele izindonga amafasitela aphukile okunye sekuwumlotha okuyisikhumbuzo sokuthi kwakune sithabathaba kanye nefenisha ephelele esayishiyelwa abazali bethu abangasekho. (Kusho udadewabo)
Ngokwemininingwane umsolwa uTibane waselokishini Kanyamazane ufice udadewabo ebuka umabonakude ekamelweni lakhe ekhaya kanti kuthiwa ufike waboleka umentshisi kusisi wakhe ngokungamsoli ngalutho wamnika emva kwemizuzu engemingaki usisi wezwa kunuka intuthu endlini.
Usisi uthe uma ehlola wathola ukuthi elinye lamagumbi liyasha. Umlilo wabhebhetheka endlini yonke ngendlela yokuthi awulawuleki. Udadewabo owayethukile washayela amaphoyisa ucingo ebuka umlilo ushisa indlu nengaphakathi.
Ngesikhathi amaphoyisa efika ukuzothamela ummangali afice izelamani zombili zisekhona ekhaya. Uphenyo lokuqala luholele ekuboshweni kukaBheki ovele eNkantolo yeMantshi yaKabokweni izolo ngoMsombuluko ngomhlaka 8 Meyi 2023, kanti ugcinwe esitokisini ukuze afake isicelo sebheyili kusasa ngomhlaka 10 Meyi 2023.
UKhomishana wamaPhoyisa e-SAPS eMpumalanga, uLieutenant General Semakaleng Daphney Manamela unxuse amalungu omndeni ukuthi athole izeluleko zochwepheshe uma bengaboni ngaso linye noma bekhomba ukuziphatha okungajwayelekile komunye nomunye ukuze kugwenywe umonakalo noma ukulahleka kwemiphefumulo engenasidingo.