UJELE UBOSHWE NGEMUVA KOKUTHI AMAPHOYISA ETHOLE IZIDAKAMIZWA, AMASELULA MEMALI NGESIKHATHI KUGASELA EJELE LASESTANDERTON

EZOMPHAKATHI

5/5/20231 min read

Ujele waseStanderton Correctional Centre ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngemuva kokuthi amaphoyisa eshaqe izimpahla ezingekho emthethweni ngesikhathi egasela kulesi sikhungo.

Okhulumela amaphovisa aseMpumalanga Brigadier Mohlala uthe isikhulu sibanjwe emzini waso ngoLwesine. "Ulwazi olusebenza ngamaphoyisa alutholile lapho amalungu e-Standerton Crime Intelligence, Standerton K9 kanye nabasebenzi bezokuHlunyeleliswa kweziMilo belandele i-alibi yelungu elibandakanyeka ekushushumbiseni izidakamizwa.

"Kuseshwe isikhwama esisodwa se-crystal meth enesisindo esingu-9g, opulasitiki bensangu abangu-19 isisindo sika-1 856kg, omakhalekhukhwini abayisikhombisa, amashaja omakhalekhukhwini ayisithupha, ama-sim card ayisikhombisa kanye nesamba semali esingadalulwanga sathathwa." kusho uMohlala

Lesi sikhulu kulindeleke ukuthi sivele eNkantolo yesiFunda yaseStanderton ngokutholakala nezidakamizwa nezinye izinto.