UMALUME UGQINWE EJELE NGEZINSOLO ZOKUDLWENGULA UMSHANA WAKHE 'KANINGI' NGEMUVA KOKUMGIBISELA ESUKA ETHAVENI
EZOMPHAKATHI


Owesilisa ona 41, uvele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseBushbuckridge ngecala lokudlwengula umshana wake oneminyaka engu-19 ubudala.
Ngesikhathi evela enkantolo icala lihlehliselwe uApril 21 ukuze afake isicelo sebheyili ngokusemthethweni. Umsolwa ugcinwe esitokisini.
"Ngokombiko, kusolakala ukuthi ngoMgqibelo, 8 April 2023, isisulu sasisendaweni yokucima ukoma eBushbuckridge nomngani waso wesilisa kanye nomsolwa nomunye wesifazane", kusho okhulumela amaphovisa aseMpumalanga uBrigadier Mohlala.
"Ekuseni nge Sonto mhla ziyisi-9 April 2023, kubikwa ukuthi umngani wesilisa waya kumalume wacela ukugitsheliswe umngani wakhe njengoba ebeya kwenye indawo. Kuthiwa umalume nowesifazane abehamba naye kanjalo nesisulu. Bahambe bonke ngemoto yomsolwa."
Kusolwa ukuthi ngesikhathi befika emzini othile, umalume wehla emotweni nowesifazane ayehamba naye, washiya ingane eneminyaka engu-19 ubudala. Umalume kuthiwa ubuyele emotweni ehamba yedwa.
"Kungalesi sikhathi lapho umsolwa wahamba naye baya endaweni ethile wafike wadlwengula isisulu izikhathi eziningi, kuthe uma kuphuma ilanga isisulu sabika emaphoyiseni, kwavulwa icala.
Ngemuva kophenyo umsolwa esenziwe umsolwa, walandelwa umkhondo waboshwa ngoMsombuluko ekuseni, 11 April 2023, yingakho evele enkantolo," kusho uMohlala