UMASIPALA WESIFUNDA SASE-EHLANZENI UQALE UHLELO LOKUKHUCULULA KU-ANDERSON STREET

EZOMPHAKATHI

3/27/20231 min read

Ibamba lesigungu esiphezulu kuMasipala wesifunda saseHlanzeni, uCllr Terrence Shabangu, usememezele impi ezidakamizweni nezinye izinhlobo zobugebengu enngwaqeni odume kabi u-Anderson.

UShabangu wenze lesi simemezeli emkhankansweni wokukhuculula owenziwe umasipala wesifunda ngo 21 kuMashi, ehlangene nezinye izinhlaka ezifana neDolobha laseMbhombela neKruger Lowveld Chamber of Business and Tourism.

Uthe baqale lo mkhankaso wokugcina iCBD iphephile futhi ihlanzekile kubahlali, osomabhizinisi nabasebenzi.

Uveze ukumele sikhuthaze isiko lokuhlanzeka ukuze sikhuthaze osomabhizinisi ukuthi bahlale edolobheni lethu.

Lokhu kungenxa yokuthi abanye bavala izitolo zabo bahambe ngenxa yokungcola kwemigwaqo nobugebengu.

Inhloso akukhona nje ukwenza lolu hlelo edolobheni lodwa kodwa nasezindaweni zasemakhaya ikakhulukazi osebeni lomfula lapho kugcwele ukulahlwa kwemfucuza ngokungemthetho.

Wonke amahlahla aseduze kwemigwaqo adinga ukugezwa ukuze kube lula ukubona lezi zigebengu.”

Izivakashi kumkhankaso wokuhlanza.

Ngokusho kwemenenja kamasipala, uDkt Nontobeko Mahlalela, lo mkhankaso uzosebenza izinyanga ezingu-12, okuzothi ngemuva kwalokho kuhlolwe bonke omasipala bendawo.

Ngezinsiza esinazo sizogxila emigwaqweni enezinkinga, siphinde sibeke phambili izindawo zokungena nezokuphuma okubalwa kuzo u-R40, N4 kanye nezindawo ezise-CBD.