UMKHANDLU WE-EFF UTHI AKUDEDELWE IMIPHUMELA YEZINGANE ZEBANGA LE-12 ZASEMPUMALANGA EZAZIKOPA MHLA ZIHLOLWA
EZOMPHAKATHI


Iqembu le-EFF eMpumalanga libize abaphathi abakhulu beProvince, ukuba badedele imphumela yezingane ebezenza ibanga leshumi nambili, abasulwa kumacala okukopa ngenkathi behlolwa ngoNyaka odlule.
Bekutholakale ukuthi abafundi abaphuma kuzikole eziyi-20 kwi-distrct yaseBohlabelo eduze nendawo i-Bushbuckridge bakhokhela abanye boThisha isamba semali esingango R1500 ukuze bezothola izimpendulo kwinkundla yokuxhumana i-Whatsapp. Leqembu lalabo ababandakanyayo kulokhu kukopa kutholakala ukuthi nabahloni ama-Invigilator ebeyinxenye.
USihlalo womkhandlu i-EFF, uCollen Sedibe uthe inhlangano ibinemvumelwano enhle ukuthi laba bafundi abakhoni ukuqhubeka nezimpilo zabo njengoba i-Department isabambe imiphumela yazo.
“Abafundi aba bandakanya kulokhu bagcinwe ebumnyameni, kanti nekusasa labo lisengcupheni, ngoba abakhoni nokuthola okanye ukufuna izikhala zokufunda kuzikole zamabanga aphezulu kanti namathuba emsebenzini ayabadlula ngoba abanawo uMalusi” kusho uSedibe.
Uphinde washo ukuthi lezi zikole bezinikwe umlayezo ukuthi laba bafundi kuzomele balinde umhlaka 24kuNovemba ukuze bathole imiphumela yabo.
“Umkhandlu weEFF ukubheka lokhu njengokungabi nobulungiswa kubafundi. Kanjalo-ke, umkhandlu we-EFF uthi akudedelwe lemiphumela ukuze lezingane zizokwazi ukuqala zilungisele impilo zabo.”
Okhulumela ezemfundo endaweni yaseMpumalanga uJasper Zwane uthe konke okushiwo iqembu le-EFF akulona iqiniso.
Kunabafundi abasulwa icala base bethola imiphumela yabo. Abanye banikezwa ama sanctions ngoba kwatholakala ukuthi bakopa. Banikwa izincwadi . Kusho uJasper Zwane.
Uphinde wakuveza ukuthi i-Department iyona onolwazi oluningi ngaloludaba njengoba kuyiyona eyenza lophenyo.
U-Elijah Mhlanga okhulumela ezemfundo ube ngatholakali ukuba azobeka uvo lwakhe.
Kuthiwa ezingane ezingama-370 ezikoleni ezintathu , beziyinxenye yalabo bamaqembu e-Whatsapp , ebiqanjwe “Road to Varsity “. I-Road to Varsity kutholakale ukuthi ibinikeza ngezimpendulo kwisifundo sezibalo i-Maths kanye ne Physical Science. Kunamanye amaqembu amabili abenemali thize umuntu ekumele eyikhokhe uma engena.
Ezinye izindlela zokukopa eziveziwe zifaka phakathi othisha ebebapha izingane izimpendulo uma beya endlini encane, bebadlulisela amapheshana anezimpendulo futhi batshela ezinye izingane ukuthi ziphathe omakhalekhukhwini ababili bawugcine emakawosini benzele uma bethathelwa lo ebazobe bawuphethe.
I-Department yenze uphenyo emva kokuba oyedwa wothisha enze iphuma wathumela izimpendulo zesifundo zeLife science zephepha lesibili kuWhatsagroup yaboThisha.