UMNDENI WAKWA-THWALA UDINGA USIZO NGEMUVA KOKUSHA KOMUZI WABO e-ERMELO
EZOMPHAKATHI


Usale ungenalutho umndeni wakwa-Thwala ohlala-Ext 4 eThusivillage ngemuva kokungqongqa komjondolo wawo onamagumbi amathathu (3) oxhunywe kwindlu yomxhaso (RDP) eyigumbi elilodwa izolo ebusuku.
Ngokusho kozibonele, umlilo uqale ngesikhathi sokungamuka kukagesi (loadshedding) ngemuva kwehora lesishiyagalombili ebusuku izolo, kanti imbangela yomlilo kungenzeka kube ikhandlela ebelingagadiwe.
Abesilisa abathathu (3) abaneminvaka ephakathi kwengamashumi amathathu (30) basele bengenalutho kanti futhi abasebenzi.
Umndeni udinga iminikelo, ezintweni zokugqoka, izinto zokwakha kabusha umjondolo, amaphasela okudla okubasiza bakhe kabusha izimpilo zabo.
Iminikelo ingathunyelwa noma ilethwe ekhaya labo, kunombolo 5093 Ext 4 eduze kwaseVuka Bottle Store noma ungashayela le nombolo 0791966768.
Umndeni ungaluthokozela usizo lomphakathi