UMNYANGO WEZOLIMO WASE-MPUMALANGA UHLOMISE ABALIMI BENDAWO NGOKULWA NEMLILO.

EZOMPHAKATHI

8/21/20231 min read

Ngokusho kokhulumela iDardlela, uZanele Shabangu, inhloso yokuhlangana nalaba balimi bewukucobelelana ngolwazi ngemigudu nemithetho mayelana nokushishwa kwedlelo nokudala izicashamlilo.

UMnyango wezokulima, ukuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaya, ezomhlaba nezemvelo eMpumalanga (i-Dardlea) usanda kuhlanganisa abalimi ukuze kuxoxiswane ngezindlela zokulawula nokubhekana.

Kulo mcimbi kwenziwe izithulo ezehlukene. "Izikhulu bezikhona ukuzoqhuqhuzela abalimi ngokuxhumana nokuphathwa kwamadlelo , ukuvumelanisa nokuzalanisa amathole namathole , ukunakekelwa komhlaba nokulondolozwa kwezolimo, ukulawulwa, kwezinhlekelele, isimo sezulu, ukulondolozwa kwezinsiza zezolimo kanye nomnotho nokuthuthukiswa kwamabhizinisi" kusho uShabangu.

NgoMhlaka 8 ku Agasti, bavakashele eStanderton ngaphansi kukaMasipala waseLekwa emcimbini. Bahlangana eHhovisi laseWalter Kinnear Park.

"Abethuli bacobelelane ngolwazi ngezinqubo nemithetho yokushiswa kwamadlelo, nini futhi kanjani ukucisha umlilo, ukubaluleka kwezinhlangano ezicisha umlilo ezakhele iLekwa kanye nabalawula izinhlekelele. Lokhu kuhlanganisa namathiphu okuvikela ukusha kwequbula, kusetshenziswe amathuluzi nemithi yokubulala ukhula," kusho uShabangu.