UNDUNANKULU WASEMPUMALANGA, UNKZ REFILWE MTSHWENI-TSIPANE USEXWAYISE NGOKUPHULWA KWEMITHETHO YOMGWAQO NJENGOKUSHAYELA UPHUZILE NOKWENZA UBUGEBENGU.

EZOMPHAKATHI

4/5/20231 min read

UMtshweni-Tsipane uthi ukuziphatha okunjalo kuzobhekana nesijeziso esinzima. Ukusho lokhu ngesikhathi uHulumeni wesiFundazwe ethula umkhankaso wezokuphepha emgwaqeni ngaphambi kwempelasonto yePhasika eKarino, ngaphandle kwaseMbombela.

Lo mkhankaso uhlose ukuphoqelela ukulandelwa kwemithetho yomgwaqo ukuze kwehliswe ukufa kwabantu emigwaqeni kanye nobugebengu. Ngesikhathi kwethulwa uNdunankulu uhlole izimoto okubalwa namatekisi ukuthi zikulungele yini ukuba semgwaqweni. Ubehambisana noNgqongqoshe wezokuPhepha, ukuPhepha nokuXhumanisa uMphakathi, uMnuz Vusi Shongwe, uKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni, uLt-General, uSemakaleng Manamela kanye noNkz Norah Fakude weBuscor Company.

Njengengxenye yomkhankaso wokuphepha emgwaqeni, kuzokwenziwa izivimbamgwaqo eziningi esifundazweni sonke ukuze kunqandwe abashayeli abangamahlongandlebe.