UNGQONGQOSH WEZOKUPHEPHA EMPUMALANGA UKUGXEKILE UKUDUTSHULWA KWENGANE ENEMINYAKA ENGU-11

Blog post description.

EZOMPHAKATHI

4/13/20231 min read

UNgqongqoshe uShongwe usigxekile isigameko sokudutshulwa kwemoto okuholele ekutheni kulimale ingane.

UNgqongqoshe wezokuPhepha, ukuVikeleka nokuXhumana koMphakathi eMpumalanga, uVusi Shongwe, ufuna umbiko ogcwele mayelana nezimo eziholele ekudutshulweni kwemoto kaningi White River nokuholele ekulimaleni kwengane eneminyaka engu-11 ubudala.

Lesi sigameko kubikwa ukuthi senziwe inkampani yonogada ezimele eyaziwayo endaweni.

UNgqongqoshe uthi nakuba kuboshwe abantu ababili bale nkampani eshiwo, izinkampani zonogada akumele zidubule uma ingekho ingozi engenzeka.

"Izinkampani zonogada ezizimele zineqhaza elibalulekile ekunqandeni ubugebengu. Sesibonile izigameko eziningi lapho izenzo zabo ezisheshayo zisize ukuvimba izenzo zobugebengu nokuhlenga impilo. Ngakho-ke, sizolinda umphumela waleli cala, kodwa yize noma kunjalo, sizodinga ukuthi bahlale beqaphile ukuze benze kahle bangabeki izimpilo zabanye abantu engcupheni," kusho uShongwe.