UNGQONGQOSHE UVAKASHELE ISIKOLE SAMABANGA APHANSI iLWALENG NGAPHANDLE KWASE WHITE RIVER


UNGQOGQOSHE wezeMfundo, uBonakele Majuba, usanda kuvakasha e-Lwaleng Primary School e-White River Circuit edolobheni laseMbombela.
Lesi sikole sasungulwa ngo-1930 epulazini elizimele ngaphandle kwase-White River futhi sinabafundi abayi-1 662 kusukela ebangeni R kuya ku-7 nabasebenzi bothisha abangama-39. Lesi sikole senza kahle ezifundweni nakwezemidlalo futhi sesiwine imiqhudelwano kazwelonke yeSunbake emithathu ilandelana, okuholele ekutheni sithole amagumbi okufundela amathathu engeziwe. Abafundi abafunda kulesi sikole basuke besuka eMasoyi, eShabalala, KaBokweni, KaNyamazane, Pienaar, Makoko, Malekutu, Msholozi, Embonisweni, Edwaleni naseWhite River.
“Kumele siluxazulule ngokushesha udaba lomhlaba oludingekayo ukuze kwakhiwe isikole ngokugcwele njengababambe iqhaza, ikakhulukazi nesigungu esilawula isikole. Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi singakwazi ukuba sesimweni sokwakha isakhiwo esimeme ukuze izingane zethu zifundiswe endaweni eqhuba kahle.”
Uthe bafuna ukuthi abafundi bafunde baphelele futhi baphumelele kwezemidlalo. “Izinselelo ezifana nokushoda kokudla, amagumbi okufundela nokukhucululwa kwendle zidinga ukunakekelwa kwethu ngokushesha. Okungikhathazayo wukuthi yize isikole sasungulwa ngo-1930, cishe yonke into ibukeka iyisikhashana kuze kube manje,” usho kanje.