UNGQONGQOSHE WAMABHIZINISI KAHULUMENI USECHAZE SIFUNDAZWE SASEMPUMALANGA NJENGENDAWO ENOBUGEBENGU

EZOMPHAKATHI

5/22/20231 min read

UNGQONGQOSHE wamaBhizinisi kaHulumeni uPravin Gordhan usechaze iMpumalanga njengendawo yobugebengu maqondana nezinsolo zokuphangwa kwezikhungo zikagesi.

Uthe abantu abanomhobholo bake babandakanyeka ezenzweni zenkohlakalo eminyakeni embalwa edlule.

Uthe bebezama ukulwa nenkohlakalo kwa- Eskom esebenzisana nabantu bangaphandle ukuntshontsha nokuphanga.

U-Eskom unenqwaba yeziteshi zikagesi eMpumalanga kanti isimo sokutholakala kukagesi kulezo ziteshi sehlile.

UGordhan, obevele phambi kwekomiti elibhekele ukusebenza kwezimali zomphakathi ngoLwesithathu, uthe badinga ukulwa nenkohlakalo kuzo zonke izinhlaka.

UPravin Gordhan udalule ukuthi u-Andre de Ruyter wasungula uphiko oluzimele lwezobunhloli eyedwa

URamaphosa unxusa uDe Ruyter ukuthi abike ngongqongqoshe abakhohlakele

OwayenguSihlalo weBhodi lakwa-Eskom uphonsa ongqongqoshe ngaphansi kwebhasi ngodaba lwezobunhloli ezizimele, weseka uDe Ruyter

Uthe akazi noma inkohlakalo idla u-R1 billion ngenyanga eMpumalanga.

Lezi zinsolo zivele ngemuva kokuthi lowo owayeyisikhulu esiphezulu u-André de Ruyter eziphakamisile engxoxweni yethelevishini.

Kodwa uGordhan uthe akazange asenze izibalo zenkohlakalo kwa-Eskom.

“Ngabe inkohlakalo yakwa-Eskom ibiza u-R1bn ngenyanga? Angazi. Angizange ngibale. Kodwa lesi akusona isambulo esisha njengoba ngibonisile.

“Ngikubeke obala ukuthi iMpumalanga iyinkundla yobugebengu impela.

Kunenqwaba yabalingisi, ngaphandle kwa-Eskom nangaphakathi kwa-Eskom , ababambisene ukubukela phansi ukuthengwa kwempahla nezinye izinhlelo, ukuhlinzeka ngezingxenye zomgunyathi, futhi abenza umsebenzi ongemuhle mayelana nokulungiswa kwamayunithi uma kungasebenzi.

Konke lokho kwenziwa ukuqinisekisa ukuthi bathola umsebenzi omningi ekupheleni kosuku futhi benze imali eyengeziwe.

“Umhobholo oqhubela abantu kuleli cala usaqhubeka ngendlela engafanele,” kusho uGordhan.

Uthe kuphinde kucekelwe phansi ezinye iziteshi zikagesi.

Lokhu kuhlanganisa ukudayiswa kwamalahle angekho ezingeni kwa-Eskom.

Kuphinde kwaba nodaba lokusetshenziswa kwamaloli ukuletha amalahle esikhundleni samabhande okuthutha.

Kulinyazwe izigayo ukuze osonkontileka baqhubeke nokuthola omunye umsebenzi kwa-Eskom.