UNGQONGQOSHE WEZEMPILO EMPUMALANGA UVAKASHELE UMTHOLAMPILO WASE- HAZYVIEW NJENGOHLELO LWEKHE LOKUXHUMANA NEZIGULI

EZOMPHAKATHI

5/19/20231 min read

UNgqongqoshe Wezempilo, uSasekani Manzini, uvakashele e-Hazyview Clinic njengengxenye yohlelo lwakhe lokuxhumana nabantu ngoLwesibili mhla ziyi-16 kuNhlaba.

Ngokusho kukaManzini, uthi inhloso yokuvakasha bekuwukuxoxisana neziguli ukuze kubhekwe ukuthi ziyagculiseka yini ngosizo, nokuthola ukuthi iziguli zilinda isikhathi eside yini ngaphambi kokuba zibhekelwe.

Uveze ukuthi njengoMnyango wezeMpilo kuwumthwalo wethu ukulalela izinselelo zeziguli zethu futhi siqaphe noma yiziphi izigameko ezibhekana nazo emitholampilo yangakubo,” kusho uManzini.

Ugqugquzele iziguli ukuthi zisebenzise imitholampilo yangakubo ngaphambi kokuya eHazyview ukuze zigweme izindleko ezingenasidingo kwezokuthutha.

Ngokusho kwemenenja esebenza kulo mtholampilo, uSr Sinna Mkhatshwa, lo mtholampilo uhlinzeka ngamapulazi aseduze angu-36 kanye nedolobha laseHazyview.

“Isitokwe sezokwelapha sitholakala ku-97%, nokho sikhathazekile ngokutholakala kwemishanguzo yokuthithibalisa igciwane.

Ezinye iziguli eziqhamuka ezigodini eziseduze zishiya izikhungo zazo bese zichitha imali ukuze zize emtholampilo waseHazyview zizolanda imithi.