UNOGADA UBAMBE UZAKWABO EMUVA KOKUTHOLAKALA NEZINTAMBO ZETHUSI OKUSOLAKALA UKUTHI ZEBIWE
EZOMPHAKATHI


Kuboshwe unogada ngecala lokutholakala nezintambo okusolakala ukuthi zebiwe zamakhebula ethusi anenani lika-R150 000 eDelmas, eMpumalanga.
Lo nogada uvalelwe ekhoneni ngumphathi wake ngeSonto ebusuku kanti kuthiwa utholwe nezintambo zethusi ezingu-29 okusolakala ukuthi zebiwe e-Argent, esiteshini sesitimela, zatholwa.
Okhulumela amaphoyisa Brigadier Mohlala uthe umqondisi we-Afri Guard ubezulazula emgwaqeni u-R555 phakathi kweDelmas ne-Ogies, ngesikhathi ebona enye yezimoto zakhe zonogada iToyota Hilux. ''Ngesikhathi umshayeli wemoto edilivayo ebona umphathi wakhe, wavele wasuka ngesivinini, nomphathi wamlandela ukuze enze uphenyo. Umphathi uzame inqwaba yokumisa imoto eyayingaphambili, kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
"Ekugcineni imoto ihambe ibheke ngasemgwaqeni ongasekho, kwaphoqeleka ukuthi ime. Umphathi waphuthuma kumshayeli, wathola ukuthi ngomunye wozakwabo nabanye abathathu abebephakathi abakwazile ukubaleka endaweni yesigameko," kusho uMohlala.
UMohlala uthe unogada wabe esehanjelwa ngumphathi wakhe, kwathi esesesha imoto, kwatholakala amaroli angu-29 ezintambo zethusi.
Wayiswa esiteshini samaphovisa waboshwa khona lapho. Uzovela eNkantolo yesiFunda yaseDelmas namuhla ngecala lokutholakala nempahla okusolakala ukuthi yebiwe okungenzeka angeze necala lokuhlukumeza ingqalasizinda ebalulekile