UNQATSHELWE IBHEYILI OYIKHANSELA LASE-MPUMALANGA OZAME UKUDLWENGULA INGANE ENCANE.

EZOMPHAKATHI

7/19/20231 min read

Ikhansela lasendaweni yase Ga-Nala (Kriel) lithwese ngecala lokugqekeza ngenhloso yokulimaza kanye nokudlwengula ingane encane. Uzogcinwa ezitokisini kuze kube isikhathi sokuba icala lakhe livele eNkantolo, mekuphela inyanga ka Agasti emvakokuba anqabelwe ibheyili.

Umlisa oneminyaka ewu-39 ubudala waboshwa ngoMhlaka 5 kuMeyi, ngokwemibiko umama wengane ehlukunyeziwe wayehambile ngokomsebenzi kanti lentombazane eneminyaka eyi (12) ibisele noSesi wayo yena oneminyaka (26) ubudala bebahlala noMalume wabo okuthiwa ungumngani naleli khansela.

Kuthiwa lelikhansela lalikhuluma nalengane ngendlela ekhohlakele kusho uBrigadier Selvy Mohlala.

Lamadoda amabili ase eya endaweni yokucima ukoma ebiseduzane, ngokuya kwamaphoyisa ikhansela lase liyahamba lishiya lo okungumngani wakhe ngemuva engamtshelanga.

Ngezikhathi zabo 23:30 usesi omdala wezwa kunomuntu owayezama ukuqhekeza endlini. Uyaveza ukuthi lomuntu wazama ukuvula umnyango wasekamelweni lakhe wafica ukhiyiwe, ube esefonela umngani wakhe makwenzeka lesi sigameko emcela ukuthi amubizele amaphoyisa.

UMohlala uthi lendoda iyihlukumezile lengane wase uzama ngisho nokuyidlwengula. Usesi wayo uyakhumbula ukuthi usesi wakhe omncane wamemeza umalume ukuthi azomsiza kanti ke umalume wayengekho endlini.

Emvakwalesoskhath amaphoyisa ase ayafika umsolwa weqa ngewindi wabaleka washiya isikibha sakhe kanye nomakhalekhukhwini.

Amaphoyisa ase eyamjaha umsolwa , ambopha. Ngokwamaphoyisa ubegcoke ujini oluhlaza okwesibhakabhaka kanye nezigcathulo ezinsundu ubeme ekhoneni engagcokanga isikibha.

Amaphoyisa uma elokhu ezula kundawo yesigameko athola kuchaphazeke igazi kanye nasewindini. Imoto itholakale 50m kude musuka lapho kwenzeke khona isigameko.

Abahlali base Ga-Nala babhikishe ngaphandle kwenkantolo ngenkathi ayocela. Isicelo sikakhansela sebheyili sinqatshiwe ngoMhlaka 10 kuJulayi. Uzophinda avele enkantolo ngomhlaka 28kuAgasti.

Ithathwe kwiphephandaba lakwa Caxton News.