UPHINDE WABOSHWA UMSOLWA OBEFUNWA KAKHULU NGEMUVA KOKWEQA ESITOKISINI NGENKATHI EYISHWA EJELE EWITBANK,EMPUMALANGA.
EZOMPHAKATHI


Amaphoyisa aseLimpopo abophe umsolwa oneminyaka engu-29 ubudala “obefunwa kakhulu” oweqa esitokisini samaphoyisa ngo-2018 ngesikhathi eyiswa ejele eWitbank, eMpumalanga.
ULesley Chuenyane uboshwe eJane Furse esifundeni saseSekhukhune ngoLwesihlanu.
Okhulumela amaphoyisa uCol Malesela Ledwaba uthe uChuenyane waboshwa okokuqala ngo-2018 ngemuva kokumataniswa nezigameko ezine zokudlwengula azenza eNebo. Ubexhunyaniswe nala macala ngobufakazi be-forensic kanti izisulu zakhe zaziphakathi kweminyaka engu-20 no-30 ubudala.
Ngalolo suku, iqulu leziboshwa ezisalinde ukuqulwa kwamacala kusolwa ukuthi lasika iwindi lokugqekeza iveni yamaphoyisa ngemuva kokuma endaweni yamaphoyisa eLaersdrift, eMpumalanga.
Abanye abasolwa baphinde baboshwa ngemuva kwesigameko ngosizo lwabalimi bendawo, kodwa uChuenyane wakwazi ukubaleka kanti ubelokhu ebaleka.
Kukholakala ukuthi umsolwa wenze amacala abucayi kusukela ngo-2018 kuze kube kulo nyaka, ahlanganisa ukugebenga nokuduna izimoto.
Ubehlobene nesigameko sokugetshengwa esenzeke eMnyangweni womgwaqo eNebo lapho onogada ababili beqolwa khona izibhamu zabo.
“Esinye sezibhamu sitholwe emzini kamsolwa eNebo ngemuva kokuthi amaphoyisa elunywe indlebe ngobukhona baso. Kusolakala ukuthi wahlasela abanye onogada ababili ePhokwane Clinic wafike waphuca izimpahla zabo okubalwa nomakhalekhukhwini.
ULedwaba uthe umsolwa uyamataniswa nesigameko lapho iphoyisa lomgwaqo lidunwe imoto yalo likhonjwe ngesibhamu.
“Imoto yohlobo lwe-VW Polo eyebiwe yabuye yatholwa ngemuva kokuthi umsolwa eyishiye ekhoneni amaphoyisa. Umsolwa kuthiwa uphinde waphuca owesifazane izimpahla zakhe emkhombe ngesibhamu. Lo wesifazane kubikwa ukuthi uke wafunda naye,” kusho uLedwaba.
Izinsolo zakhe zobugebengu zaphela ngesikhathi amalungu ethimba elijutshiwe embopha egunjini eliqashiwe eJane Furse.
Ubhekene namacala angaphezu kuka-10 okudlwengula, ukuduna izimoto nokubamba inkunzi.
UChuenyane uvele eNkantolo yeMantshi yaseNebo ngoMsombuluko ngecala elilodwa lokugebenga.
Ugcinwe esitokisini kuze kube uMeyi 5. Usazovela kuyona le nkantolo ngamanye amacala.
Kulindeleke ukuthi avele enkantolo yaseMpumalanga ngecala lokweqa esitokisini esisemthethweni.